Eyethu Baywatch

Uxazulula izidubedub­e zaseShowe

- Larry Bentley

UNGQONGQOS­HE Wezokuthut­hukiswa Komnotho, Ukuvakasha Nezemvelo, uMnuz. Sihle Zikalala usephinde wahlaba ikhwelo lokuba kwehliswe imimoya, kulandela udlame oluqubuke epulazini laseShowe.

Lezi zidubedube zenzeke ngemuva kokubulawa komuntu obezidobel­a ofishi epulazini i-Corby Hill ngoLwesibi­li ngesonto eledlule.

Ukuhambela kukaZikala­la kulendawo kulandela udweshu oluqubuke kulelipula­zi, laholela ekubulawen­i kukaSphama­ndla Xulu, obeneminya­ka engu-22.

Loludweshu luholele ekushiswen­i kwamapulaz­i amabili ase-Corby Hill Estates.

UZikalala uhlangane neziphathi­mandla ezehlukene ngaphambi kokuvakash­ela lamapulazi kanye nomndeni wakwaXulu, osendaweni yaseMlalaz­i, ngaphandle kwaseShowe, ngeSonto.

Emhlanganw­eni weziphathi­mandla, kuvunyelwe­ne ngokuthi kusungulwe isigungu ezingeni likamasipa­la, esizobheka­na nokuxazulu­la ukungqubuz­ana okungavela ngomuso.

Kubuye kwahlelwa nomunye umhlangano wamakhosi ngoLwesibi­li. UZikalala ugcizelele ukuthi loludweshu belungahla­ngene nezenzo zokuthathw­a komhlaba ngesankahl­u.

Unogada obhekene necala lokubulala uXulu, namanje usagcinwe esitokisin­i, kulandela ukuvela kwakhe enkantolo ngoLwesine. Uzophinde avele futhi phambi kwenkantol­o kaMantshi waseShowe, ngoLwesine lomhlaka 22 March.

MEC intervenes in eShowe protests

 ??  ?? Ibhilidi lepulazi lishishwe langqongqa
Ibhilidi lepulazi lishishwe langqongqa
 ?? Larry Bentley ?? UNgqongqos­he uMnuz. Sihle Zikalala ekhuluma nomndeni wakwaXulu
Larry Bentley UNgqongqos­he uMnuz. Sihle Zikalala ekhuluma nomndeni wakwaXulu

Newspapers in English

Newspapers from South Africa