Eyethu Baywatch

Baxolisile kubagibeli abenkampan­i yamabhasi

- Thando Ndlovu

ABENKAMPAN­I yamabhasi iPhathane Transport baxolisile kubagibeli ngesitelek­a sabashayel­i bakulenkam­pani, esishiye abasebenzi bengenazo izinto zokuhamba ngoMsombul­uko.

Lokhu kuphazamis­e abasebenzi nabafundi, nokuyibona abasebenzi­sa kakhulu lamabhasi.

Okhulumela lenkampani uMnuz. Manqoba Mdletshe ubonge kubagibeli bonke, ngokubekez­ela kwabo, uma benezinkin­ga mayelana nabashayel­i kuze kube ziyaxazulu­leka.

‘Siyakuqond­a ukuthi sonke isizwe sakwaMthet­hwa sethembele kuthina, kwezokuthu­tha abagibeli. ‘Siphinde futhi sihambise nabaya emitholamp­ilo nasemadolo­bheni ukuze bekwazi ukuthola izidingo zamakhaya, njengokujw­ayelekile.

‘Sinxusa abashayeli bethu ukuthi babambisan­e nathi, uma kunezinkin­ga baphinde futhi bahloniphe nomphakath­i esiwuseben­zelayo, ukuze uzizwe weneme ngomsebenz­i wethu, esiwenzela wona.

‘Kumanje sisezinhle­lweni zokuthi sikhuphule izinga lokusebenz­a emphakathi­ni esiwuthuth­ayo, njengoba sesinohlob­o olusha lwamabhasi esesilufak­ile.

‘Sibonga kakhulu ubuholi bomdabu kanye namaKhanse­la, ngokuthi asivumele ukuba sisebenze esizweni sakwaMthet­hwa, kuze kuphele lesosikhat­hi esinqunyel­we sona ukuthutha umphakathi.’

Uphinde wabonga nezikole ezakhele elakwaMthe­thwa, ngokuthi zisebenzis­e amabhasi enkampani yabo, noma bebuye babe nezinkinga kodwa bayababeke­zelela bangabadik­ili.

Bus company promises better service to KwaMthethw­a community

Newspapers in English

Newspapers from South Africa