Eyethu Baywatch

Ikhansela ligubhe usuku lokuzalwa nabadala

- Thando Ndlovu

KWENZEKE okungejway­elekile ngesikhath­i ikhansela lakuMasipa­la waseMhlath­uze kuWadi 25, uMnuz. Thamsanqa Mathe egubha usuku lwakhe lokuzalwa eqeda iminyaka engu-40 ephila.

Ekhuluma kulomcimbi obusekhaya kubo eMankwanya­neni, uMathe ubonge abantu abadala abangomakh­elwane abamkhulis­a, ngesikhath­i kudlula abazali bakhe emhlabeni ngonyaka ka-2004, kodwa baba naye ngazo zonke izikhathi.

‘Nakuba bengingaja­bula nomndeni wami sindawonye, kodwa ngikhumbul­e kakhulu abantu abadala, njengoba esikhathin­i sanamuhla bengakutho­li ukunakekel­eka okwenele, ekubeni ibona asebephend­uke izinsika zamakhaya,’ kuqhuba uKhansela Mathe.

Uphinde wakuveza ukuthi uye aphatheke kabuhlungu uma ebona abanye bozakwabo, bekhohlwa abantu abadala, kanti njengoba besebenzel­a umphakathi, kufanele banakekele kakhulu abantu abadala, njengo-

Lapha uKhansela Thamsanqa Mathe ubedlulise­la izipho kwezinye izakhamuzi ezindala ebeziyingx­enye yomcimbi

ba nempilo yabo isuke ingaseyinh­le ngenxa yezifo eziningi.

Ugcine ngelokukhu­mbuza intsha ukuthi izibusiso zilele kwabadala, ngakho ukuhloniph­a abadala kuletha izibusiso eziyoba nempumelel­o ekusaseni layo.

Omunye wabadala obebonga ngesikhath­i kuqhubeka umcimbi, uNkk. Magrate Makhathini ubonge kakhulu ekhanselen­i, ngendlela okuthi noma eficana nezinkinga abuye azobuza kwabadala ukuthi angenze njani,

Thando Ndlovu ukuze kusizakale umphakathi.

‘Kuyintokoz­o kithina ukuthi nathi kesinakeke­leke, singakhohl­akali kuzona zonke izinhlelo ezenzekayo, kuhlangene nentuthuko.

Omunye wamadodaka­zi akwaMathe uNksz. Nondumiso Mathe uchaze ikhansela uMathe njengomunt­u onakekelay­o nonothando kusukela ekhaya kuze kuyofika emphakathi­ni.

Ward Councillor celebrates his birthday with senior citizens

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa