Ikhansela ligubhe usuku lokuzalwa nabadala
KWENZEKE okungejwayelekile ngesikhathi ikhansela lakuMasipala waseMhlathuze kuWadi 25, uMnuz. Thamsanqa Mathe egubha usuku lwakhe lokuzalwa eqeda iminyaka engu-40 ephila.
Ekhuluma kulomcimbi obusekhaya kubo eMankwanyaneni, uMathe ubonge abantu abadala abangomakhelwane abamkhulisa, ngesikhathi kudlula abazali bakhe emhlabeni ngonyaka ka-2004, kodwa baba naye ngazo zonke izikhathi.
‘Nakuba bengingajabula nomndeni wami sindawonye, kodwa ngikhumbule kakhulu abantu abadala, njengoba esikhathini sanamuhla bengakutholi ukunakekeleka okwenele, ekubeni ibona asebephenduke izinsika zamakhaya,’ kuqhuba uKhansela Mathe.
Uphinde wakuveza ukuthi uye aphatheke kabuhlungu uma ebona abanye bozakwabo, bekhohlwa abantu abadala, kanti njengoba besebenzela umphakathi, kufanele banakekele kakhulu abantu abadala, njengo-
Lapha uKhansela Thamsanqa Mathe ubedlulisela izipho kwezinye izakhamuzi ezindala ebeziyingxenye yomcimbi
ba nempilo yabo isuke ingaseyinhle ngenxa yezifo eziningi.
Ugcine ngelokukhumbuza intsha ukuthi izibusiso zilele kwabadala, ngakho ukuhlonipha abadala kuletha izibusiso eziyoba nempumelelo ekusaseni layo.
Omunye wabadala obebonga ngesikhathi kuqhubeka umcimbi, uNkk. Magrate Makhathini ubonge kakhulu ekhanseleni, ngendlela okuthi noma eficana nezinkinga abuye azobuza kwabadala ukuthi angenze njani,
Thando Ndlovu ukuze kusizakale umphakathi.
‘Kuyintokozo kithina ukuthi nathi kesinakekeleke, singakhohlakali kuzona zonke izinhlelo ezenzekayo, kuhlangene nentuthuko.
Omunye wamadodakazi akwaMathe uNksz. Nondumiso Mathe uchaze ikhansela uMathe njengomuntu onakekelayo nonothando kusukela ekhaya kuze kuyofika emphakathini.
Ward Councillor celebrates his birthday with senior citizens