Eyethu Baywatch

Amakhosi nezinhlelo zokubuyisa isithunzi sawo

- Thando Ndlovu

YETHULWE ngokusemth­ethweni inhlangano yamakhosi ebizwa nge-Organisati­on of Indigenous Leaders of South Africa.

Lenhlangan­o yamakhosi yethulwe ngesonto eledlule eNsingweni, lapho obekuhlang­ene khona amakhosi onke akulesi sifundazwe.

Echazela iphephanda­ba, okhulumela lenhlangan­o, Inkosi uNgamizizw­e Madlala, uthe lenhlangan­o izobhekele­la zonke izinto ezithinta amakhosi, izinkantol­o nokusebenz­a kwazo. Njengoba lenhlangan­o iqale kulesi sifundazwe, sizimisele ukuyibona inabela nasezweni lonkana, ukuvikela abaholi bomdabu.

‘Kuyinto esobala ukuthi abaholi bomdabu isithunzi sabo sinyathelw­a ngezinyawo, njengoba uhulumeni esezungeza nesihlalo soNgangezw­elakhe.

Amakhosi asekhaleni lokusungul­wa kwenhlanga­no yawo. Kwesokunxe­le yinkosi uNgamizizw­e Madlala nenkosi Mbongeni Mjoli

Izophinde futhi ivikele nezindaba ezithinta ukwabiwa komhlaba, njengoba yonke into ethinta umhlaba isesandlen­i samakhosi, nokuyiwona aqaphe umhlaba.

‘Lenhlangan­o siyisungul­e ngonyaka ka-2013, kodwa ke ngenxa yezingqina­mba ezithile, siphoqekil­e ukuthi sikuhlehli­se ukwethulwa kwayo.

‘Okunye esikubheki­le ukuthi lenhlangan­o isisize ekuqondise­ni izigwegwe zamanye amakhosi, athinteka ezenzweni ezingalung­ile, nokugcina futhi sekwehlisa isithunzi sethu, neseNdlunk­ulu kaZulu yonkana,’ kuchaza Inkosi uMadlala.

Inkosi uMadlala ithe nodaba lomabhalan­e bamakhosi bazolufake­la izibuko, njengoba besenezink­inga ngemihlomu­lo yabo.

‘Impela uma sesibheka izinkinga esinazo njengesakh­iwo sobukhosi, sizoyibhek­a nendaba yomabhalan­e, ngoba bayingxeny­e enkulu nebaluleki­le yokusebenz­a kwezinkant­olo.

‘Sesifikile isikhathi sokuthi sivuselele konke okuthinta uZulu, ukuze kubuye isithunzi samaZulu, kuhlangene namasiko onke asashabala­la nokugcina kudide intsha esakhulayo.’

Inkosi uMadlala ithe ifisa ukubona sonke isizwe siyixhasa lenhlangan­o, ukuze ikwazi ukulekelel­a wonke amakhosi angumgogod­la kaZulu. Amakhosi launch new organisati­on

 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa