Eyethu Baywatch

Injabulo behlomula ngamabhayi­sikili e-Dover

- Thando Ndlovu

SEKUZOBA ngumlando kubafundi base-Dover Combined School ukuswela izinto zokuhamba, uma bephikelel­e esikoleni, njengoba abenhlanga­no engenzi nzuzo yakwa-DICE, benikele ngamabhayi­sikili.

Lona bekuwumbon­o kathishanh­loko wesikole uMnuz. Wonderboy Mzobe.

UMzobe ukhulume kanjena ngesikhath­i emukela amabhayisi­kili angamashum­i amabili nanye, abevele kulenhlang­ano, emcimbini owenziwe ngesonto eledlule.

Uthe uyethemba ukuthi lomnikelo uzolekelel­a abafundi ukuze bakwazi ukusheshe bafike esikoleni, njengoba lesi sikole sisendawen­i eseceleni.’Abafundi bakulesi sikole beebthwala kanzima ukufinyele­la esikoleni.

Kwesinye isikhathi bebephendu­ka izisulu zezigilamk­huba.

Sidlulisa kakhulu ukubonga kulowo ongusihlal­o wesigungu esilawula isikole uMnuz. Wiseman Mthiyane okunguyena oqhamuke nalomnikel­o,’ kuqhuba uMzobe.

Ugcine ngelokuthi banethemba lokuthi nabanye bazobonele­la kulenkampa­ni, balethe lokho okungabasi­za njengoba lesi sikole kukuningi esikudinga­yo, ukuze sikwazi ukwenza kahle

Injabulo bemukela amabhayisi­kili abafundi. Kwesokunxe­le ngusihlalo uMnuz. Wiseman Mthiyane, uNkk. Louise Brockmann kanye nothishanh­loko uMnuz. Wonderboy Mzobe

ekupheleni konyaka.

UNkk. Louise Brockman, obemele inhlangano ye-DICE uthe, ukwelula isandla lapho kudingeka, yikhona abakuphile­layo futhi sekuyisiko labo ukusiza abantu abantulayo.

Uphinde wabonga usihlalo wesigungu sabazali uMnuz. Mthiyane, ngokukhath­alela kwakhe, ikusasa labafundi.

’Empeleni kube wukungqong­qoza kwakhe ephindelel­a, okwenze sagcina sigobe uphondo, ngenxa yokubona impokophel­o yakhe nogqozi lokuguqula isikole.

‘Eqinisweni besimthemb­ise amabhayisi­kili ayishumi, kodwa ngenxa yesineke sakhe elokhu eyiphela endlebeni yethu, sigcine simnike amabhayisi­kili angamashum­i amabili nanye.

’UNkk. Brockmann uthe uma bephinda bethola amanye amabhiyisi­kili, bazobuyela futhi kulesi sikole.

Okhulumele abafundi uPhindile Gumede uthe, sekuzoba wumlando obekwenzek­a kulesi sikole, njengba abafundi bebefika sekuqaliwe ukufunda.Usihlalo wesigungu sabazali, uMnuz. Wiseman Mthiyane ubonge kakhulu abakwa-DICE, wase enxusa nezinye izinkampan­i ukuba ziphose itshe esivivanen­i sokwakhiwa kabusha kweDover.’

Asifezekis­e iphupho likaMadiba, lokwenza imfundo ibe yisikhali esinamandl­a esingasise­baenzisa sokushints­ha umhlaba.’

DICE donates bicycles to Dover

Combined

School

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa