Sekukwamachanca ebandleni lamaLuthela
KUBUKEKA sizobanenkwantshu isandla kumalungu ebandla lamaLuthela, kwezithinta iminikelo, njengoba ukwehlukana ngemibono nobuqembuqembu sekwenze abaningi bakhetha ukuzihlalela emakhaya.
Okudala izinkinga kulelibandla yisimo sokuphathwa kwezimali, njengoba abaningi bekhala ngokukhuphuka kwemigomo yokunikela noma yinini, kuphinde kube nezimali ezifuneka kungenasidingo.
Elinye ilungu lebandla likhale kakhulu ngokuthi bazibona begcwalisa imigodi engagcwali, futhi imali yabo yebandla igcina isiyenza izinto ezingenasidingo.
‘Kunemali eningi yebandla esisebenza ukukhokhela izindleko zamacala asezinkantolo, kwazise nazo azisahlali nhlobo mahhala, zihlala, ngemali.’
‘Singakusho singakufihli ukuthi kulelibandla impi yangaphakathi ibambene mahlanze, futhi siyazibuza ukuthi iyiphi eyogoba uphondo, bese kugcina kwenzekeni uma kukhona ohlulwayo ezimalini, ekubeni kusanyamalele izigidi ngendlela engaqondakali.
‘Lapha sekukwamachanca, kwampunz’edl’emini.Sekwenziwa imicimbi eminingi, eyenziwa ngamaqembuqembu.
Sekukhona nabaphoqa amandla, befuna ukulalelwa ngenkani.
‘Lento eyenzeka kulelibandla yinto esigcina ukuyibona yenzeka kwipolitiki.
‘Kuyaqala ngqa ukuba lelibandla liphenduke inhlekisa ngalendlela emphakathini.
‘Sesinxusa nabaholi abadala, ukuba basize, bafake isandla kulenhlekelele eyenzeka ebandleni lethu,’ kuchaza leli lungu lebandla. • Internal squabbles continue at Lutheran Church