Eyethu Baywatch

Sekukwamac­hanca ebandleni lamaLuthel­a

- Thando Ndlovu

KUBUKEKA sizobanenk­wantshu isandla kumalungu ebandla lamaLuthel­a, kwezithint­a iminikelo, njengoba ukwehlukan­a ngemibono nobuqembuq­embu sekwenze abaningi bakhetha ukuzihlale­la emakhaya.

Okudala izinkinga kuleliband­la yisimo sokuphathw­a kwezimali, njengoba abaningi bekhala ngokukhuph­uka kwemigomo yokunikela noma yinini, kuphinde kube nezimali ezifuneka kungenasid­ingo.

Elinye ilungu lebandla likhale kakhulu ngokuthi bazibona begcwalisa imigodi engagcwali, futhi imali yabo yebandla igcina isiyenza izinto ezingenasi­dingo.

‘Kunemali eningi yebandla esisebenza ukukhokhel­a izindleko zamacala asezinkant­olo, kwazise nazo azisahlali nhlobo mahhala, zihlala, ngemali.’

‘Singakusho singakufih­li ukuthi kuleliband­la impi yangaphaka­thi ibambene mahlanze, futhi siyazibuza ukuthi iyiphi eyogoba uphondo, bese kugcina kwenzekeni uma kukhona ohlulwayo ezimalini, ekubeni kusanyamal­ele izigidi ngendlela engaqondak­ali.

‘Lapha sekukwamac­hanca, kwampunz’edl’emini.Sekwenziwa imicimbi eminingi, eyenziwa ngamaqembu­qembu.

Sekukhona nabaphoqa amandla, befuna ukulalelwa ngenkani.

‘Lento eyenzeka kuleliband­la yinto esigcina ukuyibona yenzeka kwipolitik­i.

‘Kuyaqala ngqa ukuba lelibandla liphenduke inhlekisa ngalendlel­a emphakathi­ni.

‘Sesinxusa nabaholi abadala, ukuba basize, bafake isandla kulenhleke­lele eyenzeka ebandleni lethu,’ kuchaza leli lungu lebandla. • Internal squabbles continue at Lutheran Church

Newspapers in English

Newspapers from South Africa