Eyethu Baywatch

Bakhala ngokungana­kwa

- Thando Ndlovu

UKHALA ngokushayw­a indiva ezinhlelwe­ni zentuthuko, umphakathi waseNhlaba­ne, njengoba usalinde uMasipala waseMfoloz­i owabethemb­isa impilo engcono.

Esinye isakhamuzi sendawo uMnuz. Mvezeni Mbuyazi uthe sekuyabakh­anyela ukuthi umasipala ubakhipha inyumbazan­a ezinhlelwe­ni zentuthuko.

‘Yithi kuphela esisantula ingqalasiz­inda, efana nemigwaqo, amanzi kanye nogesi.

‘NeKhansela esalivotel­ayo asilazi ukuthi likuziphi izintaba, njengoba selokhu salibeka asikaze nhlobo silibone phambi kobuso bethu, noma siphambane nalo emgwaqeni.

‘Nomtholamp­ilo esinawo awukho ezingeni, njengoba nesibalo sabasebenz­i singenele, uma kuqhathani­swa nomthamo weziguli ezithuthel­eka kulomthola­mpilo.

‘Kwesinye isikhathi sizithola siphoqelek­a ukuthi sihambe amabanga amade, ukuze sifinyelel­e lapho kunezinto ezingaba wusizo kuthina nemindeni yethu.

‘Okusiphath­a kabi ukuthi iningi lezakhamiz­i esinazo kulendawo yethu, kuhlangene nentsha ayiqashwe ndawo.

‘Size sisizwe ngamahlath­i esinawo, nanokuba siyakhulum­a kuhlangene nemali yesibonele­lo, ehambisana nempesheni yabadala,’ kuchaza uMbuyazi obebukeka ekhathazek­ile ngempilo abayiphila kulendawo.

‘Sesihlalel­e ethembeni lokuthi nathi liyoze line nangakithi, umasipala uyogcina ufikile, usizamele lokho oyosinika khona, ukuze nathi siyibone ngamehlo intuthuko. • Nhlabane community unhappy with slow pace of service delivery

Newspapers in English

Newspapers from South Africa