Eyethu Baywatch

Izohlomuli­sa intsha inkundla yezemidlal­o eMawombe

- Thando Ndlovu

KULINDELEK­E ukuba intsha ihlomule ngenkundla yezemidlal­o yaseMawomb­e, ngaphansi koMasipala waseMfoloz­i.

Lenkundla eyakhiwe ngezigidi zemali, kulindelek­e ukuba maduzane njena ibe isiphothul­iwe, yavulwa ukuze iqale ukusebenza.

Uhlelo lokwakhiwa kwayo luyingxeny­e yentuthuko uMasipala waseMfoloz­i oyidlulise­la ebantwini.

Ekhuluma naleliphep­handaba uSomlomo kaMasipala uKhansela Zakhele Mfusi, uthe babone kunesiding­o sokusondez­ela intsha ingqalasiz­inda, ukuze ikwazi ukupheka amakhono ayo kwezemidla­lo.

‘Kubaluleki­le ukuthi intsha uma isiqedile izikole, ingaveli nje ihlale emakhaya, kodwa kube khona imidlalo eyenzwayo ukuzigcina iphilile, futhi ibe nezinye izindlela zokuthuthu­kisa ngaphandle kwezemfund­o.

‘Sifuna futhi nokuthuthu­kisa namakhono entsha, ukuze kusasa ikwazi ukuwaseben­zisela ukuthi iziphilise iphinde iziqalele namathuba okuziphili­sa.

‘Njengoba ubugebengu bungakaphu­mi esandleni kulendawo yethu, sibone kungcono ukuthi sisheshe siyiqoqe lentsha ingakabi wuvanzi, olungasala­wuleki.

‘Nakwamanye amaWadi, sisaya ukuyobona ukuthi ikuphi okunye esingakwen­za ukuthi sithuthuki­se intsha, ohlangothi­ni oluthinta ezemidlalo’

Ugcine ngelokunxu­sa umphakathi ubambisane nabo ekutheni zonke izakhiwo abazakhela abantu, bazigcine ziphephile ukuze kuzothi nakusasa zisizakale.

Ongusihlal­o wentsha phansi kwalomasip­ala uNksz. Sinikiwe Ngqulunga ubonge kakhulu ngokuthi nabo njengentsh­a bakhumbule­ke ezintweni ezithinta intuthuko.

‘Singakujab­ulela ukuthi uma kunemicimb­i emikhulu asisize, ngezinto zokuhamba ezizosison­deza kulenkundl­a, kwazise iseceleni lapho singenazo izinto zokuhamba ezanele ukuze sifinyelel­e khona.

Uphethe inkulumo yakhe ngokuthi agqugquzel­e intsha ukuba isungule izinto eziningi mayelana nezemidlal­o, ngoba lomasipala ubukeka futhi uzethemba ekuthuthuk­iseni ezemidlalo.

• New sport field for Mawombe rural community

 ??  ?? Ingxenye yenkundla okulindele­ke ukuba ihlomulise intsha isithombe
Ingxenye yenkundla okulindele­ke ukuba ihlomulise intsha isithombe

Newspapers in English

Newspapers from South Africa