Siyabadinga yini oPenina ezimpilweni zethu na?
UPenina uhlobo lomuntu ohlale njalo ekukhumbuza ukuthi wena uyisehluleki, wena emndenini wakho ayikho into eningaba yiyo ngoba anifundile, nazo zonke nje ezinye izinto ezimbi ezingaba yimbangela eyenza kungayeki phambili nempilo.
UPenina watshela uHanna ukuthi ngeke aze amthole umntwana, uyinyumba futhi kumele akwamukele lokho aphile nakho, angalokhu ezixaka ngento angeke aze ayithole empilweni yakhe.
Kanti akabuzanga elangeni, ukuthi uHanna lo unomnikazi wakhe abaxoxa naye izindaba ezinkulu, baphendulane baze benzelane nezithembiso, ezingeke zaziwe ngabanye abantu.
UHanna wathi ukuba achukuluzwe uPenina ngelinye ilanga ngodaba lokuba inyumba kwakhe, wakhala, wacasuka, wenyukela entabeni eyokhuleka, ehamba kancane edumele.
Kodwa enhliziyweni yakhe wayenogqozi, egqugquzelwa ukuthukwa nokugxekwa.
Umbuzo-ke uthi, kambe thina uma sivuka ekuseni siyamdinga yini umuntu ozosikhumbuza ukuthi siyinhloboni yomuntu?
Kambe ubunjalo bethu baziwa ngubani? Abantu bonke ekuhlaleni, umndeni wakho, abangani nabasondelene nawe noma kuba nguwe kuphela ozaziyo?
Izimo osuke ubhekene nazo empilweni ezidinga ukuthi uzixoxe nongabonisana naye, kuba ngubani oxoxa naye omethembile ukuthi angaba yisifuba sakho?
Nangu-ke wena usuhleli ubuka ukuthi kambe yini ongayenza ukuze uphumelele, bese uxakwa ukuthi eyi, kambe vele ngizoze ngifune ukuphumelela nje yini le engizophumelela kuyona?
Kusho ukuthi kwakuhlela lokho kuyinkinga ngoba awazi vele ukuthi yini le ofuna ukuphumelela kuyona, ngamanye amazwi awunalo igoli ofuna ukulishaya.
Ukungabi nemali kwakho lokho okwenza uPenina ahlale ekukhumbuza ukuthi wena uyahlupheka, ngoba engakuboni uhamba ngemoto noma ungenawo umuzi omuhle.
Empeleni uyakusiza ngalokho, ngoba uyakugqugquzela ukuthi uzilungiselele kangcono, okungasho ukuthi uzotshela yena ngezinhlelo zakho zokuthuthuka.
Yebo, siyabadinga oPenina ezimpilweni zethu, bayasigqugquzela kakhulu, nakuba bona besuke besiklolodela.
Ngifisa ukuxwayisa ukuthi awukwazi ukuphumelela ungazazi ukuthi ungubani, ungazi ukuthi yini engamandla akho, yiziphi izindlela ozozisebenzisa ukuze uphumelele. Ngale kwalokho, ngeke uze uphumelele, nokuqhamukayo okubukeka kuyimpumelelo, kuzoba ngokwesikhashana ngoba awuhlelile.
Ngakho ke qala ngokuba nezinhlelo, bese ubuka oPenina ukuthi bathini, uqinise emandleni akho ngaphakathi, usebenze kanzima ukuze uphumelele.
UHanna watshela uNkulunkulu ukuthi yena unesibeletho, uNkulunkulu angenaso, ngakho uNkulunkulu akamnike ingane azoyinikezela kuye uNkulunkulu njengowakhe.
Nangempela wazalwa uSamuel, wamnikela kuye waba ngowakhe.
Nathi ke ngokunjalo, simelwe ukulalela oPenina, basigqugquzele ukuba sikwazi ukulishaya igoli esilifunayo empilweni.
Asiqale kwamanje sizihlelele onyaka ozayo, sibeke imigomo esizohamba ngayo, sazi ukuthi sifunani empilweni, sisebenze singapheli.
Asisebenzele inqubekela phambili nesizwe esiphilile.
SILINDILE MZIMELA Empangeni
We need great motivators