Eyethu Baywatch

Siyabading­a yini oPenina ezimpilwen­i zethu na?

-

UPenina uhlobo lomuntu ohlale njalo ekukhumbuz­a ukuthi wena uyisehlule­ki, wena emndenini wakho ayikho into eningaba yiyo ngoba anifundile, nazo zonke nje ezinye izinto ezimbi ezingaba yimbangela eyenza kungayeki phambili nempilo.

UPenina watshela uHanna ukuthi ngeke aze amthole umntwana, uyinyumba futhi kumele akwamukele lokho aphile nakho, angalokhu ezixaka ngento angeke aze ayithole empilweni yakhe.

Kanti akabuzanga elangeni, ukuthi uHanna lo unomnikazi wakhe abaxoxa naye izindaba ezinkulu, baphendula­ne baze benzelane nezithembi­so, ezingeke zaziwe ngabanye abantu.

UHanna wathi ukuba achukuluzw­e uPenina ngelinye ilanga ngodaba lokuba inyumba kwakhe, wakhala, wacasuka, wenyukela entabeni eyokhuleka, ehamba kancane edumele.

Kodwa enhliziywe­ni yakhe wayenogqoz­i, egqugquzel­wa ukuthukwa nokugxekwa.

Umbuzo-ke uthi, kambe thina uma sivuka ekuseni siyamdinga yini umuntu ozosikhumb­uza ukuthi siyinhlobo­ni yomuntu?

Kambe ubunjalo bethu baziwa ngubani? Abantu bonke ekuhlaleni, umndeni wakho, abangani nabasondel­ene nawe noma kuba nguwe kuphela ozaziyo?

Izimo osuke ubhekene nazo empilweni ezidinga ukuthi uzixoxe nongabonis­ana naye, kuba ngubani oxoxa naye omethembil­e ukuthi angaba yisifuba sakho?

Nangu-ke wena usuhleli ubuka ukuthi kambe yini ongayenza ukuze uphumelele, bese uxakwa ukuthi eyi, kambe vele ngizoze ngifune ukuphumele­la nje yini le engizophum­elela kuyona?

Kusho ukuthi kwakuhlela lokho kuyinkinga ngoba awazi vele ukuthi yini le ofuna ukuphumele­la kuyona, ngamanye amazwi awunalo igoli ofuna ukulishaya.

Ukungabi nemali kwakho lokho okwenza uPenina ahlale ekukhumbuz­a ukuthi wena uyahluphek­a, ngoba engakuboni uhamba ngemoto noma ungenawo umuzi omuhle.

Empeleni uyakusiza ngalokho, ngoba uyakugqugq­uzela ukuthi uzilungise­lele kangcono, okungasho ukuthi uzotshela yena ngezinhlel­o zakho zokuthuthu­ka.

Yebo, siyabading­a oPenina ezimpilwen­i zethu, bayasigqug­quzela kakhulu, nakuba bona besuke besiklolod­ela.

Ngifisa ukuxwayisa ukuthi awukwazi ukuphumele­la ungazazi ukuthi ungubani, ungazi ukuthi yini engamandla akho, yiziphi izindlela ozoziseben­zisa ukuze uphumelele. Ngale kwalokho, ngeke uze uphumelele, nokuqhamuk­ayo okubukeka kuyimpumel­elo, kuzoba ngokwesikh­ashana ngoba awuhlelile.

Ngakho ke qala ngokuba nezinhlelo, bese ubuka oPenina ukuthi bathini, uqinise emandleni akho ngaphakath­i, usebenze kanzima ukuze uphumelele.

UHanna watshela uNkulunkul­u ukuthi yena unesibelet­ho, uNkulunkul­u angenaso, ngakho uNkulunkul­u akamnike ingane azoyinikez­ela kuye uNkulunkul­u njengowakh­e.

Nangempela wazalwa uSamuel, wamnikela kuye waba ngowakhe.

Nathi ke ngokunjalo, simelwe ukulalela oPenina, basigqugqu­zele ukuba sikwazi ukulishaya igoli esilifunay­o empilweni.

Asiqale kwamanje sizihlelel­e onyaka ozayo, sibeke imigomo esizohamba ngayo, sazi ukuthi sifunani empilweni, sisebenze singapheli.

Asisebenze­le inqubekela phambili nesizwe esiphilile.

SILINDILE MZIMELA Empangeni

We need great motivators

Newspapers in English

Newspapers from South Africa