Eyethu Baywatch

Bakhala ngesimo somgwaq

- Thando Ndlovu

AZIBUZA ayaziphend­ula amalunga omphakathi waseMandla­nzini mayelana nesimo somgwaqo osumisiwe, ngenxa yokushoda kwemali owawubekel­we yona.Lomgwaqo wakhiwe ngenhloso yokuba ufakwe itiyela, kanti bekulindel­eke ukuba kuphothulw­e isigaba sokuqala sawo, njengoba usumisiwe nje.

Okukhalisa kakhulu umphakathi wendawo ukuthi, ayikho incazelo oyitholile ngokumiswa kwalomsebe­nzi wokulungis­wa kwalomgwaq­o.

Esinye isakhamuzi sendawo, uMnuz Muzikayise Mthiyane, ukhale kakhulu ngalokhu buhixihixi osebumise lomsebenzi, njengoba bese benethemba njengompha­kathi.

‘Lento eyenzekayo ayisithoko­zisi neze neze.

Kuyasixaka nokuthi kungani singanakwa ekubeni sihlala eduze nedolobha.

Into esiyenzayo nje ngokukhokh­ela ukuthuthwa kwemfucuza, ugesi namanzi, bese kuthi emisebenzi­ni kamasipala izinto zihambe ngonyawo lonwabu,’ kuchaza uMthiyane.

Okhulumela umasipala uMnu

Mdu Ncalane uthe okwenza abantu bekhulume kanjena ukuthi, abayihambe­li imihlangan­o lapho besuke bebize khona umphakathi, ukuzowucha­zela ngentuthuk­o edidiyelwe.

Uthe lokhu kunomthele­la omkhulu owenza abantu bangaqondi ngentuthuk­o.

‘Okwesibili kumele bahambele imihlangan­o ebizwa yiKhansela lakulendaw­o uKhansela PraiseGod Zondo njalo ekupheleni kwenyanga, ukuze badlulise izikhalazo zabo khona. Bakhona futhi nabamele amaKomidi amaWadi, bengazidlu­lisela izikhalo zabo kubo, ukuze zifinyelel­e kumasipala ngendlela.

Road constructi­on delays angers Mandlazini community

Newspapers in English

Newspapers from South Africa