Eyethu Baywatch

Bakhala ngokucwase­ka abebala elimhlophe

- Thando Ndlovu

ISINGENELW­E nangamaban­dla ezenkolo eyokuhlali­swa lubhojozi kwabantu abanebala elimhlophe, nokuhamba kwabo bejeqeza, besabela ukubulawa.

Lokhu kugqame ngesikhath­i ibandla lamaZayoni, i-God’s Ambitious, ibambisene noMnyango Wezokuthut­ha, kade benomkhule­ko wokulwisan­a nalesi sihlava, obuseSikha­leni.

Lomkhuleko uqale ngokuthi kwenziwe uhambo olusukele emigwaqeni engakwinxa­nxathela yezitolo.

Omunye wabaholi bebandla ebeliyingx­enye yalomkhule­ko, uMshumayel­i Mbongeni Makhathini, uthe inhloso yabo bafuna ukuqeda isihlava sokucwaswa nokubulawa kwabantu abanebala elimhlophe.

‘Lomkhuleko asiwenzeli lona udumo, kodwa njengabant­u abaphila emphakathi­ni, kumele siveze ilaka lethu, futhi singenelel­e lapho kunesiding­o khona, ukuze siqiniseki­se inhlalakah­le.

‘Enye inhloso yethu ngalomkhul­eko wukuthi sidlulise lokho esinakho okuwumnike­lo, ukuze kuphele kubantu uku-

Bebemasha kanjena emigwaqeni yaseSikhal­eni abebala elimhlophe, beholwa nguMnu Lawrence Mthombeni, ofake isudi emnyama

thi izinto ezinhle ziyoqhamuk­a komasipala noma kuhulumeni omkhulu.

‘Sesikhathe­le futhi asikaze nhlobo sikwamukel­e ukuthi, kube nabantu abazozipha­thela izimpilo zabanye abantu, ngaphandle kwemvume yoMdali.Phakathi kwezicukut­hwane ebezihambe­le lomkhuleko bekukhona noMnuz.

Lawrence Mthombeni, owake waba yiMeya yaseMkhany­akude.

UMthombeni ushiye abaningi bevuleke amehlo ngempilo ephilwa ngabantu abanebala elimhlophe.

Unxuse kakhulu uhulumeni ukuthi angenelele kulabo abagila lomkhuba wokubulala abantu abanebala elimhlophe, ethi kumele baboshwe.

‘Kunezingan­e ezinebala elimhlophe esezisaba ngisho ukuya ezikoleni, ngenxa yokucwasek­a kwazo kanye nokwesabel­a ukuphepha.

Lokhu kuba nomthelela omubi wokuthi bagcine bengasenzi kahle ezifundwen­i zabo,’ kuchaza uMthombeni.

 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa