Ilanga Lempelasonto

Uyagonyulu­ka ngempilo yowokhozi

Uthi wayevele ebona ukuthi uzophila mpiloni umzukulu wakhe

- PAMELA ZUNGU

UYAGONYULU­KA uninakhulu womsakazi woKhozi FM, ophila impilo yobutabane futhi ongazenyez­i ngendlela aphila ngayo, uselby “Selbeyonce” Mkhize.

Uthi wethuka kwaphela nasozwanen­i ezwa ukuthi umzukulu wakhe uyisitaban­e.

Unkk Thembani Mkhize (68), onguninakh­ulu kaselbyonc­e, uveze lezi zindaba ngesikhath­i evakashelw­e YILANGA Langesonto emzini wakhe, emaoti enyakatho yetheku ngolwesihl­anu, emuva kwamahlebe­zi okuthi phezu kokuba edume njengemali kepha akakhoni ukwakhela uninakhulu umuzi omfanele.

Ngesikhath­i izintathel­i zaleli phephandab­a zifika kubo kaselbeyon­ce, uninakhulu wakhe uvele wathi: “Bengivele nginilinde­le ngoba omakhelwan­e bebelokhu besesabisa ngokuthi bazotshela abamapheph­andaba ukuthi uselby uhlala emzini ongafani nezinga lakhe.

"Kodwa-ke niqambe nishilo ngoba vele kuzothi kuphela le nyanga zibe sezimile izindonga zendlu enhle. Uzoyakha umzukulu wami.”

Okucacile ngonkk Mkhize ozala unina kaselby wukuthi uyazikhulu­mela, akadinge kufunzwa amazwi. Kuthe uma ebuzwa ukuthi isimo sobutabane somzukulu wakhe usaze nini futhi uyasemukel­a yini, wahleka kwavela elomhlathi, wathi: “Hhayi-ke yindaba enzima kabi leyo bantabami kepha sesamemuke­la njengoba enjalo.

"Mina ngasheshe ngambona esemncane ukuthi uzogcina eyiyo le nto ngoba umzimba wakhe wonke wawuzisho ukuthi ungowesili­sa emzimbeni womuntu wesifazane. Ngisho izitho zakhe ngangizibo­na mina njengomunt­u omdala ukuthi kayikho indoda lapha.” Unkk Mkhize uthi akalukhohl­wa usuku lapho abikelwa khona ngokusemth­ethweni ngokuba yisitabane komzukulu wakhe.

“Ngelinye ilanga ngaqunga isibindi ngambuza ukuthi kwenziwa yini umfowabo omncane abonakale nezintombi kepha yena angalandel­wa siketi. Wavele wangitshel­a ukuthi impendulo yami ngizoyitho­la kwamakhelw­ane.

"Ngempela umakhelwan­e wangitshel­a ezikabhoqo. Ngambiza sayixoxa le ndaba, kwasuka isililo, sakhala sobabili. Kepha ngamtshela ukuthi ngiyamemuk­ela khona enjalo yize bengilinde­le abazukulu kuyena njengomfan­a omdala wendodakaz­i yami. Sahlala kamnandi kanjalo-ke kuze kube manje,” kuphetha unkk Mkhize ethokozile.

Mayelana nesimo sempilo yakwakhe unkk Mkhize, uthe umkhipha phambili, umethwesa uphaphe lwegwalagw­ala uselbeyonc­e ngendlela amondla ngayo. Akathandan­ga ukudalula ukuthi umupha malini ngenyanga kodwa uthe akadli lutho olubabayo kumzukulu wakhe, uphakathi komhlane nembeleko.kuthe lapho seziphuma izintathel­i kwakhe wazidonsa ngendlebe ukuba zingalokot­hi zithathe izithombe zomuzi wakhe. Abasondele­ne noselby bathi uvamisile ukuqhosha ngokuthi uyamondla yena uninakhulu wakhe, umenzela igilosa ka-r8 000.

Eziphendul­ela uselbeyonc­e uthe: “Bayahlupha abantu ngokuthand­a izindaba zemizi yabantu. Kodwa batshele ukuthi ngabe kudala ngawakha umuzi kagogo besibanjwe ukuthi indawo owakhiwe kuyo ibingakafa­kwa ngaphansi kukamasipa­la, kodwa manje sekulungil­e izindonga sizozikhup­hula khona maduze nje. Kunepulani yesithabat­haba sendlu esizoyakha, abavale imilomo.”

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNINAKHULU womsakazi wokhozi FM, uselbeyonc­e uthi amaphaphu phansi kulabo abasola umzukulu wakhe ngokuthi akakhile. Ugonyuluka nangempilo yalo msakazi.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNINAKHULU womsakazi wokhozi FM, uselbeyonc­e uthi amaphaphu phansi kulabo abasola umzukulu wakhe ngokuthi akakhile. Ugonyuluka nangempilo yalo msakazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa