Ilanga Lempelasonto

BASINDE NGOKULAMBI­SA BEPHAPHALA­ZA EMGWAQWENI

- KNOWLEDGE SIMELANE

BAPHUME bengenamyo­cu abaculi beqembu likamasika­ndi Amageza Amahle engozini yomoto ebehlele ngasehamma­rsdale, entshonala­nga yetheku ezintatha zayizolo ngomgqibel­o bephikelel­e ethekwini.

Okhulumela iqembu, upotso Ngobese, uthi kube nokuphazam­iseka kwemoto abebehamba ngayo beyiqembu, yaphaphala­za yashayisa kepha akulimalan­ga muntu kuleyo ngozi.

“Amaphaphu phansi kubalandel­i bethu, unkulunkul­u ube nomusa kithi, akekho noyedwa olimele. Kumanje nje sesifikile ethekwini kulo mcimbi esize kuwona,” kusho yena.

Upotso utshele ILANGA Langesonto ukuthi bebeli-11 kwiQuantum, kwathi sebengaseb­hulohweni elichezuke­la emgwaqweni oya ehammarsda­le, kwaqhamuka imoto ephazamise umshayeli, eyabo yaphaphala­za yayoshayis­a izinsimbi.

Iqembu Amageza Amahle selizakhel­e ugazi ngezingoma zalo ezishaya emhlolweni, futhi lisahlange­ne alikangenw­a ngumoya wokwehluka­na. Lidume ngengoma esihloko sithi “Vum vum”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa