Ugqoka ezabesifazane ahalise amadoda
Umethuli wesibikezelo sezulu
UVEZA ukuthi uyazifela ngokukhangisa ngomzimba wakhe, ahalise amadoda ongumethuli wesibikezelo sezulu KWISABC 1.
Uthi futhi nakuba yena engesona isitabane kodwa uzikhonze kabi izitabane.
Udicksy Mdlalose (osesithombeni) wasevryheid ngokudabuka kepha osezinze egoli ngokomsebenzi uveze lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neLANGA Langesonto ngeledlule.
Umfo kamdlalose waziwa ngabaningi ngamazwi avame ukuwasho uma esegoqa isibikezelo sezulu, athi “Inkos’ ithel’ umusa.”
Udicksy ungumculi, uyamodela aphinde abe ngusomabhizinisi. Usebenza nesinqandamathe sakhe, unkz Njabulo Khwela, obuye abe yimenenja yakhe kuyo yonke imisebenzi ayenzayo.
Utshele leli phephandaba ukuthi uke wasebenza ezindaweni ezahlukene ewumdansi ( stripper) kodwa ngenxa yokuthi imigomo YESABC ayimvumeli ukuba enze lo msebenzi ube esewuyeka.
Uthi kodwa usazobuyela kuwo ngoba uyazifela ngawo.
“Njengamanje angivumelekile ukuwenza lo msebenzi (wokuba yi- stripper) yize ngiwuthanda. (Phambilini) bengiwenza ngempumelelo bathokoze abesilisa uma sengidlubhe ezabesifazane ngidlalisa umzimba, bakhale bashaye amakhwela kube njeya.
Emazweni aphesheya yibhizinisi elinemali eshisiwe leli.
Uma sengihlanganise iminyaka engama-40 ngizobuyela kulo,” kusho udicksy emamatheka.
Uthi okumenza athande izita- bane wukuthi usehlale nazo isikhathi eside wathola ukuthi zingabantu abalungile, abacabanga ngendlela esheshayo kanti zethembekile.
Unjabulo uthi nguye okhuthaza uyise wengane yakhe ukuba enze lo msebenzi wokuba yistripper.
“Anginankinga, ngihamba naye ngimgqokise angene enze izinto zakhe asangane amadoda sithole imali. Wumsebenzi lona, wukuthi nje thina bantu abansundu siwuthatha ngenye indlela. Ngiyakhala nje ngoba akasavumelekile ukuwenza njengoba esesebenza KWASABC,” kusho unjabulo.
Udicksy uze wancokola ngokuthi uhlale edlalisa uselby Mkhize wokhozi FM ngokuthi uma engabatholi abantwana uzomala. Unezingane ezintathu komama abehlukene.
*Bheka ILANGA Langesonto ngesonto elizayo lapho sizobe siphole naye, sikwenekela konke ngempilo yakhe.