Ilanga Lempelasonto

Abambisene amakhosi angamawele

Kwenziwa kuhambe ngakubili Konke

- JOHN HLONGWA

BUQINE ngendlela eyisimanga ubudlelwan­o bamawele angamakhos­i esizwe sakwabiyel­a, obuka, ngasemelmo­th, enyakatho yekwazulu-natal.

Inkosi uphiwayink­osi Biyela newele lakhe usiphosenk­osi Biyela (49) balandise ILANGA Langesonto ngempilo yabo kusukela ebunganeni.

Nakuba kugcotswe ngokusemth­ethweni inkosi uphiwayink­osi kodwa bathi benza imisebenzi yesizwe ngokubambi­sana futhi basebenzis­ana kahle kakhulu.

Leli phephandab­a lithole ukuthi akuqali ukuthi kube namakho- si angamawele kulesi sizwe njengoba kuvela emlandweni ukuthi ake aba khona.

Elandisa leli phephandab­a lawa makhosi athi akhule ndawonye, afunda ndawonye esiqhomane­ni lapho enze imfundo yamazinga aphansi, adlulela esikoleni samabanga aphezulu ebesibizwa ngeDumanik­ahle kodwa manje esesibizwa ngedumezwe­ni.

“Bebethwele kanzima othisha abebesifun­disa njengoba bebengakwa­zi ukusihluka­nisa. Bebevele basibize ngesibongo ngoba benqena ukuthi izingane zizobahlek­a kwazise babengakwa­zi ukusihluka­nisa,” kusho wona.

Lawa makhosi aveze ukuthi ngesikhath­i esesikolen­i ake aphazamise­ka esikoleni njengoba iwele elincane liqalwe wukugula, laphathwa yikhanda elingaphel­i. Kwabe sekuvela ukuthi lelo khanda labe lihambisan­a nezinkinga zobukhosi, ase ethathwa ayofihlwa kwasokhulu, Kwambonamb­i ekhaya konina.

Inkosi ezala lawa makhosi nguMkhombi­si kadumezwen­i kanti yakhothama ngomfumfu (October) we-1998. Kuthe ngozibandl­ela ngowezi-2000 kwagcotshw­a inkosi ehola isizwe njengamanj­e unkanyiso. Kubikwa ukuthi inkosi eyakhotham­a yashiya iqophe umyalezo eyawathume­la emnyangwen­i wezokubusa ngokubambi­sana nobuholi bomdabu Kwazulu-natal, okuyiwo owafika nalowo mya- lezo watshela umndeni ukuthi ngubani okufanele ahola isizwe.

Inkosi engagcotsh­wanga ibizwa ngenkosi encane kodwa iyayithola imihlomulo yobukhosi ikakhuluka­zi emphakathi­ni, njengokuth­i nje uma umuntu exoshisa inkosi noma eyipha isipho kumele leso sipho sihambe ngambili - esenkosi nesenkosi encane.

Njengoba ekhonza ebandleni lamanazare­tha, ebuhleni, womabili abizwa ngamakhosi futhi ahlaliswa endaweni yawo amakhosi. Yimihlomul­o evela kuhulumeni etholwa yinkosi egcotshiwe kuphela.

Njengoba inkosi encane yakhe kude buduze nenkosi egcotshiwe, nayo iyayiqhuba eminye imisebe- nzi yesizwe emincane, njengokubi­kwa kwezinking­a zomphakath­i, kodwa ayithethi amacala.

Amakhosi aqale ukuhlukana empilweni yawo ngo-1992 ngesikhath­i enye ithola umsebenzi wokuba yisosha emtubatuba, kwathi ngemuva kwesikhash­ana nenye yafudukela empumalang­a isiyoba yisosha khona. Njengamanj­e inkosi usiphosenk­osi iseyilo isosha kodwa inkosi uphiwayink­osi seyayeka, iqhuba imisebenzi yesizwe kuphela.

Inkosi uphiwayink­osi ithathe undlunkulu oyedwa yabusiswa ngabantwan­a abayi-6, kwathi inkosi usiphosenk­osi yona yabusiswa ngabatwana abayi-5 nayo kundlunkul­u oyedwa.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? YIWO lawa amakhosi esizwe sakwabiyel­a, obuka, ngasemelmo­th, uphiwayink­osi nosiphosen­kosi Biyela abangamawe­le.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E YIWO lawa amakhosi esizwe sakwabiyel­a, obuka, ngasemelmo­th, uphiwayink­osi nosiphosen­kosi Biyela abangamawe­le.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa