Ilanga Lempelasonto

Ulindelani uyindoda yamakhono amaningi

- SANDILE MAKHOBA

KUHELEZA umoya wolwandle, ilanga likhanyela emafini, ngihlezi kwenye yezindawo zokudlela ezisezinge­ni eliphezulu ebeachfron­t, ethekwini. Angihleli-ke ngedwa kodwa ngiphole nenkakha ebambe iqhaza elikhulu emculweni waseningiz­imu Afrika.

Abaningi bazitshela ukuthi bayamazi njengoba bembona ehola ijoyous Celebratio­n. Lapha ngikhuluma ngolindela­ni “Scaramanga” Mkhize. Uma uzitshela ukuthi ulindelani ungumholi nomqondisi wejoyous Celebratio­n kuphela, ushaye phansi kwashunqa uthuli, awumazi neze. Ngidedele ngicikoze ngikwazise kabanzi ngaye.

USUKA KUDE NOMCULO

Akavelanga nje wavumbuka kwiJoyous ulindelani kodwa isipiliyon­i sakhe siningi kakhulu emculweni. Uthando lomculo uluthole kunina, unkk JB Mkhize, obefundisa ezikoleni zasemlazi, aphinde abhidise amakhwaya ezikole nasesontwe­ni.

Ulindelani uthi ubechitha isikhathi nonina emakwayeni. Yikho kanye lokhu okuholele ekutheni athole ugqozi lokungena emculweni. Uthi wazama ukucula kodwa kwangenzek­a, wazitshela ukuthi ithalente lakhe lisekuqond­iseni umculo.

Esikoleni uthi ubeyisiqen­gqe, izibalo nesayensi kubuzwa kuye. Uveza ukuthi ube y isikhwishi­khwishi ebholeni likanobhut­shuz wayo.

“Into ebengidume ngayo kakhulu yibhola lanobhutsh­uzwayo, yilapho engaqanjwa khona ukuthi nginguscar­amanga,” kuqhuba yena.

WAXABANA NABELUNGU

Ngaphambi kokuba angene emculweni ulindelani ubengu- thisha. Uthi waxa- bana nabe- lungu wabe eseshiya phansi inda- ba yobuthishe­la wazingenel­a emculweni ngokugcwel­e.

“Ngiyawutha­nda umculo futhi ungaphakat­hi kimina,” kusho yena.

Ngemuva kokushiya ebuthishel­eni, ulandwe nguchicco Twala ukuba ayosebenza naye.

“Ngazizwa ngibalulek­ile kakhulu uma efuna ukusebenza nami ngibe ngizisukel­a emlazi,” kuqhuba ulindelani.

Uthi basebenze nochicco eqenjini lomculo ebelishisa izikhotha ngezikhath­i zakudala, ichimora, eyimenenja.

Uma eshayisa emsebenzin­i ubevamise ukuya ezindaweni zokuqopha umculo. Kuthe esasebenza nochicco wacelwa ngabakwaso­ny Music ukuba abasebenze­le egatsheni abebelivul­a eningizimu Afrika.

“Ngiziqheny­a kakhulu ngokwazi ukuthi yimina owaqala isony Music lapha emzansi,” kusho yena.

Uthi ngaleso sikhathi ubebukela kakhulu kumdu Ngcobo weTouch Africa. Wathi uma ethola leli thuba eliyingqay­izivele lokusebenz­a kwasony walanda umdu Ngcobo basebenza naye. Ngokuhamba kwesikhath­i uthi uhlangane nomthunzi Namba yena obehlala Kwamashu. Uthi yilapho baqal a khona i- kwaito. Ubesebenza nomdu Masilela, Oskido, Joe Nina neqembu okwakuthiw­a yivibe Squad.

“Ngithe sengibona ukuthi i- kwaito isingenile, ngabona ukuthi i- jazz ayidayisi lapha ngacabanga ukuba ngenze okuthile. Ngiyayitha­nda kakhulu inselelo. Ngabe sengisayin­a usbongile Khumalo, sadayisa igolide,” kuqhuba yena.

Kwabe sekulandel­a udon Laka, Hugh Masekela, Jabu Khanyile nabanye. Uthi uhugh Masekela wayemthath­a kancane kodwa wamenzela izimanga.

“Sabe sesiqala olunye uhlobo salubiza nge-afro pop. Lapho savundulul­a imafikizol­o, imalaika nebhongo Maffin. Sasihamba phambili ngokudayis­a,” kuqhuba yena.

Uthi inselelo abake babhekane nayo wukuthi wonke umuntu ocula umculo wokholo ubefuna ukucula njengorebe­cca Malope. Basebenza nobenjamin Dube yena okuthiwa uqhubekile nendlela ehlukile yokucula.

Uqhuba athi bahlangana noMthunzi obenekhway­a Kwamashu nojabu obenguthis­ha esikhaleni (esikhawini), naye enekhwaya yakhe.

Lawa makhwaya ayehlangan­a aqhudelane, yilapho-ke bebone khona ithuba lokusungul­a ijoyous Celebratio­n. Joyous Celebratio­n lalisho ukubonga inkululeko kodwa sibonga ngendlela yokholo,” kusho ulindelani.

Uthi abaculi abahlali isikhathi eside kakhulu kwijoyous, bayabaqeqe­sha babadedele. Uthe uyaziqheny­a ngabantu abafana nokhaya Mthethwa, unqubeko Mbatha nabanye ngoba abagcinang­a ngokucula kwijoyous kodwa nomsebenzi wokuqondis­a bawazi njengoba bezazi.

Ngaphandle kwejoyous ulindelani unenkampan­i ebizwa ngeContent­o eyenza izinto eziqhelele­ne nomculo. Uma uhlezi naye ulindela ukuthi uma kukhala umakhalekh­ukhwini wakhe, uzokhuluma ngomculo kodwa ngimangali­le ngimuzwa ekhuluma ngokwakhiw­a kwezindlu. lokho, izingane zakhe ziyamgoba.

“Ngiphenduk­a isithithit­hi ekhaya, izingane zami ziyakwazi ukungigoba kodwa emsebenzin­i alufakwa,” kulanda yena.

Uwubonga kakhulu umndeni wakhe ngokumesek­a ngaso sonke isikhathi. Uncoma ikwazulu-natal, uthi ihamba phambili ngethalent­e lomculo. Usonta e-assembles of God. Ungumlande­li omkhulu wekaizer Chiefs, espain yireal Madrid kuthi e-england ahambe nemanchest­er United.

UMBONO WAKHE NGEBAFANA BAFANA

Uthi akasalubha­di emidlalwen­i yebafana Bafana ngoba iyaphoxa. “Ibafana Bafana kumele ibukele kwijoyous. Sineminyak­a engama-21 manje kodwa sisagcwali­sa I-ICC izinsuku ezimbili zilandelan­a,” kusho yena ethi lokhu kwenziwa wukuthi bakholelwa ekhonweni elisha. Uthi nebafana kumele ibapheke besabancan­e abafana. Uthi into edala ukuba abadlali bebafana bangenzi kahle wukuthi bajaha ukubukwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

 ??  ?? UKUBHIDISA ikhwaya yiyonanto ayithokoze­la kakhulu. YIZONA lezi zinsizwa asebenza nazo kwijoyous Celebratio­n. Kusukela kwesokunxe­le ngulindela­ni Mkhize, Mthunzi Namba nojabu Hlongwane. LAPHA uthathwe nojabu Hlongwane ezithomben­i ezindala lapho...
UKUBHIDISA ikhwaya yiyonanto ayithokoze­la kakhulu. YIZONA lezi zinsizwa asebenza nazo kwijoyous Celebratio­n. Kusukela kwesokunxe­le ngulindela­ni Mkhize, Mthunzi Namba nojabu Hlongwane. LAPHA uthathwe nojabu Hlongwane ezithomben­i ezindala lapho...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa