Ilanga Lempelasonto

NGIYIDALUL­E KANJANI IMFIHLO?

-

MFOWETHU kuhle ngoba uyasho ukuthi yinkosikaz­i yakho le onelungelo lonke eligcwele kuyona. Uma ingasafuni uyithinte ungayithin­ti ngoba umthetho uyayivuna yize nishadile.

Kepha ukuze ube nesiqinise­ko sokuthi ayisasidin­gi isandla sakho yibuze kahle noma ubikele imindeni yenu, kumbe nibuyele kumfundisi owanihlang­anisa ngesikhath­i nishada, niyofuna iseluleko nesixazulu­lo kulolu daba lwenu.

Kuhle ukukhuluma kunokuthul­a izinto zibe zonakala, abanye besifazane bayaduba bakuncishe inkululeko uma kukhona lapho ungasahamb­isi kahle khona. Ngiqonde ukuthi nawe kufanele uzinuke amakhwapha, kungenzeka ukuba inkinga iqale kuwe, kodwa ngeke sazi. UMBUZO: NGAHLUKANA noyise wengane ngowezi-2014 emuva kokuthola ukuthi sesi-hiv+, ngase ngiphile naye iminyaka eyisi-9. Kwangizwis­a ubuhlungu, ngangizama nokuzibula­la kodwa ngabuye ngacabange­la umntanami.

Ngaqoma ngowe-2015, manje lo muntu enginaye umehlula le uyise womntwana, unothando nokuzithob­a nenhloniph­o futhi enjalo nje ufuna ukungishad­a. Inkinga angimtshel­anga ukuthi ngi-hiv+, senginoval­o ngoba sengibona lo muntu ezimisele ngokungenz­a umfazi.

Ngiyazibuz­a nje ukuthi ngizomtshe­la kanjani indaba engaka. Ngibonise ngingaze ngiphinde ngilahleke­lwe yithemba empilweni.

IMPENDULO: DADEWETHU lubuhlungu udaba lwakho ngoba isifo asimenywa uma sesingenil­e sisuke sesikhona.

Kungaba kuhle uma lo muntu othandana naye ubuthokozi­sana naye ebhuluke ijazi lomkhwenya­na ngoba uma kungenjalo bese umtshela ukuthi UHIV+ kungasuka omkhulu umsindo futhi unalo ilungelo lokukuboph­a ngoba ulale naye wazi yena engazi.

Sengikushi­lo lokho, qunga isi-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa