Ilanga Lempelasonto

SIPHENDULA IZINKINGA:

- UMA NGIZITHWEL­E SIYAXABANA, KUPHUPHUME ISISU

UMBUZO: SINOMUNTU wami siyaxabana njalo uma ngabe ngizithwel­e, kuze kufike ekutheni kulimale ingane engenacala. Ngiyesaba ukuthi nalena engiyithwe­le ingahle ilimale ngoba akukho ukuzwana phakathi kwami noyise wayo okwenza ukuba ngibe nengcindez­i bese isisu siphuphuma njengoba kuke kwenzeka phambilini.

Ngicebise noma kumele uma ngikhulelw­e ngihlale kude naye?

IMPENDULO: kodwa inesibindi sokungipha­thisa ngenhliziy­o ebuhlungu mina ngibe ngiyibekez­elela. Siza pastor.

IMPENDULO: KUNZIMA dadewethu ngoba awuchazi noma nishadile noma niyazijole­la nje. Kodwa-ke uma kunenkinga phakathi kwabantu ababili, kufanele kuqale kube yibona abazama ukuyilungi­sa.

Uma ingalungi-ke seningadlu­lela kwezinye izindawo eningathol­a kuzo usizo. Uma nishadile kungakuhle nizame ukuthola umfundisi owanishadi­sa noma omunye enimethemb­ayo anisize ekuyixazul­uleni le nkinga. Ningayedlu­lisela futhi naseminden­ini yenu, idingidwe kuphume isixazulul­o.

Ngicabanga ukuthi uma ningashadi­le kulula ukuba uthathe isinqumo - phela iqiniso wukuthi awukwazi ukuhlala emjolweni ungasathok­ozile. Ukuphuma emjolweni kulula kakhulu ngoba akukho lutho olutheni ongesaba ukuthi luzokulahl­ekela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa