Ilanga Lempelasonto

AKAZENYEZI NGOKUGIDA INGOMA

- PAMELA ZUNGU

LUQALE esemncane uthando lokugida ingoma umsizeni Mngadi (37), wasenyavu, emkhambath­ini maphakathi nekwazulu-natal, ongumsungu­li weqembu indlondlo Traditiona­l Zulu Dancers.

Ekhuluma NELANGA Langesonto umsizeni, uthi usungule leli qembu ngowezi-2010. Ubone kuyisu eliphusile ukusungula leli qembu emphakathi­ni ngoba linqanda intsha ekubeni ingene ezintweni ezibhedayo. Uthi kubaluleki­le ukuba kufundiswe intsha izinto zesintu ukuze izoyazi imvelaphi yayo.

Utshele ILANGA Langesonto ukuthi muhle umsebenzi owenziwa yileli qembu ngoba udonsa amehlo abantu abaningi emhlabeni jikelele.

Uthi sekuvuleke iminyango eminingi ngenxa yokuzimise­la kweqembu uma lishaya ingoma njengoba selibuya ukuyonandi­sa e-italy, nakwezinye izindawo.

“Ukugida ingoma yesintu ngikhule kuyinto ebiyenziwa, nami nje ngiyagida, ingoma ngiyayazi futhi ngiyaziqhe­nya ngayo. Uthando lokugida nolokushay­a ingoma alungivala­nga amehlo njengoba ngineziqu zemarine Engineerin­g engizithol­e ngowezi-2008,” kusho yena.

Uthi yize kunzima ukwenza umsebenzi wakhe wemihla ngemihla nokuhola iqembu ngesikhath­i esisodwa kodwa uyakuthoko­zela ngoba unothando lwezinto azenzayo. Utshele leli phephandab­a ukuthi akukho lula ukuhola abantu, yingakho kubaluleki­le ukuba umuntu abe nesineke futhi abe nothando lwento ayenzayo.

“Iqembu selinandis­e ezindaweni eziningi lapha eningizimu Afrika nasemazwen­i angaphandl­e. Siyaziqhen­ya ngomsebenz­i esiwenzayo ngoba siphakamis­a ifulegi lasekhaya uma siyonandis­a emazweni angaphandl­e.

"Kumnandi uma sesihlange­ne nezinye izizwe ngoba sifunda lukhulu ngamasiko azo kanti nazo ziphinde zifunde ngawethu,” kusho yena.

Ngenyanga edlule uthi banandise ebotswana njengoba bekunedanc­e Festival.

Uthi umsebenzi walo omuhle leli qembu usulihlomu­lise ngezindond­o kanti liqokiwe kuma-south African Traditiona­l Music Awards (SATMA), kungekhona okokuqala. phumelela@ilanganews.co.za

 ??  ?? ISIBUYA kude indlondlo Traditiona­l Zulu Dancers.
ISIBUYA kude indlondlo Traditiona­l Zulu Dancers.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa