BHEKI NDLOVANA
KODWA webakwethu nayi imihlola, lo mphuphe okuthiwa ngubhaka wacoshwaphi? Ukuthathaphi nje ngempela ukudlala ngabantu abenze izilima? Ngiyayizwa nje indaba yokuthi usengumfundisi... Kanti yini ngempela umfundisi? Umuntu usevele avuke ekuseni azibize ngomfundisi! Ngifisa ukwazi ukuthi ungumfundisi wani. Zolo lokhu kade udayisa ngemishwalense, wasuka lapho wathi usungumculi, wahluleka, wadayisa ngemithi ephuphile, usuphelelwe wushatini-ke manje usuzibiza ngomfundisi! We bhatata, zizokulandela-ke lezi dumudumu zabantu abangenamsebenzi, ababhorekile. Hhhmmm, kazi uma uphela ushatini ekubeni ngumfundisi mbumbulu uzoba yini. Ngisola sengathi uzogcina uyiphara. Siyoke sibuke, nanka amehlo ekake umbombo. Mxm! HHAYI bo, le ndaba kazodwa Wabantu iyakhula nje impela. Usebizwa ngomdansi wangempela oqashwayo, ahambele amazwe. He he he, wazisholo Msholozi. Into engixakayo mina ngendaba kazodwa wukuthi angikaze ngimbone edansa, kuphela uyabenuza nje, afequze kube njeya. Ngifisa uzodwa aphumele obala akhulume iqiniso nje, asitshele ukuthi hlobo luni lomsebenzi awenzayo ngoba akayena umdansi! Khuluma Zodwa, ngeke sikwahlulele. Sitshele igama lalo msebenzi wakho owenzayo. Ngake ngezwa phela abanye bethi usebenza ukudayisa, angazi-ke ukuthi udayisa ngani. Uboke ungifonele ungitshele ukuthi udayisa ngani, mhlambe nami ngingathenga. Gandaganda. FUTHI Jeriva, ngoba ubabes Wodumo uzokudida! Bengingazi ukuthi le ngane iyiqili kanje, yey bantu! Ukuthathaphi ngempela ngane kasmelane ukusenza izilima uthi untshontshelwe ugandaganda kanti uqamba amanga? Phela umzala uyazi ukuthi ubuqamba amanga aluhlaza cwe, ubufuna ukuzidayisela ingoma yakho nje. Awuchaze kahle ukuthi kwenziwa kanjani ukuba ufike uthi ulahlekelwe yingoma ingakalolongwa kahle, kuyaqamba ngosuku olulandelayo usuyitholile, khona lapho seniyifaka kumaItunes nompintsho wakho, seniyayidayisa? Hhay bo Babes, ngiyakukhuza, musa ukuba yiqili umncane kanje. Kodwa-ke dade likusebenzele iqhinga lakho, phela akekho ongazi ukuthi usunengoma ethi HE he he, hhay’ izinto zimane ukwenzeka madoda. Ngoba umzala ngeke umqondo! Ngike ngazithola ngisephalamende ngolwesine, ngeke ngisachazake ukuthi bengiyokwenzani.
Ngike ngafikelwa wumzuzu nje wokuthula ngibukele ngingasho lutho. Kukhona lapho lo bhuti wakwamalema eke watholana phezulu nomsholozi. Ngivele ngakhumbula beseyizimpintshi ezingasukumi phansi. Yey’ akukholakali namanje ukuthi sebaphenduka inkukhu nempaka. Phela le- two yayingamathe nolimi, akekho owayazi ukuthi kuyoba nje. Engani umalema waze wathi uyomfela uzuma. He he he, ngoba nina njalo!