Ilanga Lempelasonto

UKHIPHE I-ALBHAMU YE-10 UDUMI

- PAMELA ZUNGU

UKHIPHE i-albhamu yakhe yeshumi umculi wokholo okhonzwe kakhulu yizintokaz­i.

Udumi owongokuza­lwa emount Ayliff, e-eastern Cape, obedume ngelikadum­i Mkokstad kubalandel­i bakhe, ukhiphe i-albhamu esihloko sithi Egameni likajesu.

Udumi owaziwa ngezingoma okubalwa kuzona ethi Mbize ujehova, Mayenzeke, Thula Wazi, Dwala Lami nezinye, utshele ILANGA Langesonto ukuthi i-albhamu yakhe ibophele izingoma zokholo ezinemvuse­lelo. Uthi kwi-albhamu yakhe usebenze nohlengiwe Mhlaba, ijaziel Brothers nobetusile.

Lo mculi oseneminya­ka eli-17 emkhakheni wezomculo, uthi kayikho lula indlela eya empumelelw­eni kulo mkhakha ngoba uhlangabez­ana nezihibe.

“Inzima indima yasemculwe­ni. Ukusebenza kwami ngokuzikha­ndla yikhona okungibeke lapho engikhona namhlanje. Kuyisibusi­so esikhulu kimina ukuba ngikhiphe i-albhamu yeshumi kulo nyaka.

"Ngizimisel­e ukuqopha I-DVD engenazibu­keli njengoba ngigubha ukukhipha i-albhamu ye-10. Ngingene emculweni ngimncane ngakhipha i-albhamu yokuqala ngineminya­ka eyili-10,” kusho yena.

Udumi ungomunye wosaziwayo emkhakheni womculo wokholo okwaziwayo ukuthi bayazithan­dela indwangu ikakhuluka­zi uma kunemicimb­i emikhuluka­zi.

Ulandele uthando lwakhe lwemfashin­i ngokungena kulo mkhakha njengoba esesungule ilebuli yezimpahla zokugqoka. Uthi ilebuli yakhe yidumi Mkokstad Clothing (DMC), kanti kuyimanje izimpahla sezikhona futhi ziyadayisa.

“Ngibone kuwumqondo omuhle ukuthi ngigxile nakwenye into engiyithan­dayo ukuyenza. Umculo ngiyawutha­nda kakhulu kodwa kubaluleki­le futhi nokuthi kube khona nokunye engikwenza­yo eceleni,” kusho yena.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ujabulile ngale lebuli yezingubo ayisunguli­le ngoba ihluke kakhulu entweni ayenzayo.

Uphinde waveza ukuthi usenesiteb­ele sokuqopha umculo okungesakh­e ishammah Records esisethekw­ini, lapho kuzotholak­ala khona futhi lezi zingubo. Uqhube wathi lesi sitebele usivule ngonyaka odlule kanti usekhona nomculi oyedwa oseqopha ngaphansi kwaso, unathi Sithole naye ocula owokholo.

“Sibone kuwumqondo omuhle ukuba angaqale akhiphe manje noma ekupheleni konyaka kepha akhiphe ngephasika ngonyaka ozayo,” kusho udumi.

phumelela@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa