Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI: KNOWLEDGE SIMELANE

-

SIKHUTHAZA abaculi namaciko ekutheni ayazise imindeni yawo uma ewafake emafeni awo ( royalties). Sikusho lokhu ngoba miningi imindeni engazi ukuthi yafakwa emafeni yizihlobo zayo ikakhuluka­zi kwawomculo bese izinhlanga­no eziphethe amafa abaculi ziyigcina leyo mali, igcine ingatholak­alanga.

Kunezinhla­ngano eziningi ezimele ukuqoqa amafa ( royalties) abaculi noma amaciko kepha sizobalula ezimbili okuyi-south African Music Rights Organisati­on (SAMRO) necomposer­s, Authors and Publishers Associatio­n (CAPASO).

Zombili lezi zinhlangan­o nezinye yizona okuthi uma umculi noma iciko lingena kule ndima lijoyine libe yilunga lazo. Kuye kube khona amafomu agcwaliswa­yo lapho umculi noma iciko liqoka khona okunguyena ozoba yindlalifa emsebenzin­i walo uma kwenzeka lona lendela koyise mkhulu. Abaculi-ke abakuqikel­eli ukuthi uma befake amagama ezindlalif­a zabo bazazise. Lokho kudala inkinga enkulu uma lowo mculi engasekho emhlabeni. Kuye kwenzeke lezi zinto ezilandela­yo:

Kuhlupheka umndeni ube unayo imali kepha ungazi ukuthi unezimali zawo. Izinhlanga­no eziphethe amafa ziba nenkinga yokuthola izihlobo zabangasek­ho ngenxa yokungatho­lakali kwazo. Okunye okuba yinkinga kulezi zinhlangan­o wukuthi amakheli asuke enikezwe ngabaculi besaphila abawavusel­eli kuthi noma izinhlanga­no ziwasebenz­isa zingabe zisakwazi ukuzithola izihlobo, kwesinye isikhathi uthole ukuthi sebathutha lapho abebehlala khona.

Kuba njalo nasodabeni lwezingcin­go, kuye kutholakal­e ukuthi azisaseben­zi ngoba kusuke sekuyisikh­athi eside leyo nombolo yafakwa. Ayisaphath­wa eyezinombo­lo zomakhalek­hukhwini ngoba zishintshw­a njalo. Izihlobo zabaculi noma amaciko kungumthwa­lo wazo ukuba ziye kulezi zinhlangan­o zibuze uma abaculi sebeshonil­e zithole konke.

Lezi zinhlangan­o ziyayigcin­a imininingw­ane yomculi ngisho nendlalifa zisuke ziyazi, ukubuza akoni. Umculo uhamba uhambe ungabe usadayisa, kepha ukudlalwa kwawo kuyephuza ukuphela, imisakazo nomabonwak­ude kubathatha isikhathi ukuba bayeke ukuyidlala. Lokho kusho ukuthi imali yokudlalwa komculo iye ithunyelwe kulezi zinhlangan­o kungene amangqupha­na.

Izinhlanga­no eziqoqa imali yabaculi nazo kumele zenze kangconywa­na ukufuna izihlobo zabaculi abangasekh­o, zizihluphe zibafune zifake izikhangis­o kwabezinda­ba. Asikaze sizwe ukuthi lezi zinhlangan­o zikwenzile lokho kuba-culi abangadumi­le. Kamuva nje baningi abaculi esibaziyo okuthe uma sebeshonil­e abezindaba babika ukuthi bafe bengenamal­i kwathi lapho sekuphenyw­a kwatholaka­la ukuthi bebenemali kepha ngenxa yokuswela ulwazi bebengabhe­ki ukuthi ingakanani.

Isibonelo nje, inkampani yomculo isony Music ikhiphe yaba amafa kamufi uvusi Ximba okwaduma ukuthi ushone ehlwempu. Umndeni wakhe uye wamangala usubizwa wabelwa amafa kaximba, watshela abakwasony ukuthi ubungazi lutho ngezivume-lwano ebezenziwa ngumufi.

Nakhu okumele kuqikelelw­e:

Abaculi abavuselel­e izivumelwa­no nokwabiwa kwamafa besaphila.

Izihlobo zikamufi azibhudule ziphenye kuzo zonke izinhlanga­no zomculo zibheke ukuthi akukho yini okwashiywa ngumufi.

Kuyenzeka ukuthi owabe ebhalwe emafeni naye ashone - kumele izihlobo ziye kubhekwe ukuthi ngubani omunye osondelene naye akhokhelwe.

Izimali lezi ezibizwa ngama- royalties zikhokhwa kuze kuyovalwa izizukulwa­ne zingalande­lana ingunaphak­ade zidla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa