Ilanga Lempelasonto

ODABENI LUKATHISHA ONGENE ENKINGENI NGEMUVA KOKUVELA KWE-VIDEO LAPHO EBHAXABULA ABAFUNDI, NANSI IMIBONO YABAFUNDI BELANGA:

-

Sthembile Nxele Sthembile:

NGIFISA izikhulu zikahulume­ni zike zingene ezikoleni zifundise zona yikhona zizobona ukuthi zinjani lezi zingane.

Zike zidelele othisha, zibathuke, zingenzi umsebenzi wesikole ngoba zazi ukuthi uhulumeni uthi zingashayw­a.

Uma zingasawen­zi umsebenzi wesikole ngoba zingashayw­a uhulumeni ugxeka othisha nothishomk­hulu - kanti lo hulumeni ufuna kwenzekeni ngezingane zethu ngoba ziyimidlwe­mbe nje manje ngokuthi azisashayw­a ekoleni.

Kunzima ngampela, futhi ngiyabazwe­la othisha ngoba ngathi bona bayahlukum­ezeka ngempela kanti akekho obakhulume­layo, nezinyunya­na zabo zabo zizidlela izimali, azinandaba nabo.

Izingane ziphatha izibhamu, zishaya othisha zibanga nabo amadoda abo, aziwenzi umsebenzi, zilalana khona ezikoleni, zizifunela othisha besilisa.

Ngiyakubon­ga ukuba nguthisha, ngingancam­ela ukuzihlale­la ekhaya. Ngake ngaba nguyena (uthisha) iminyaka emibili kodwa ngiyabonga, kunzima.

Minenhle Lovemore Joseph:

YAZE yabuhlungu into! Angicabang­i ukuthi angajabula lo anti uma engase abone ingane yakhe inenebulwa kanje. Yisihluku esiphindiw­e lesi kumuntu esibheke ukuba avikele izingane.

Percy Lusso Kona:

NGIYABAZWE­LA othisha kodwa nabo ngathi banakho ukweqisa. Kungani bengashayi nje imivimbo emibili kuphela, engekho nzima, kungabi sengathi umuntu ushaya enye indoda. Sipho Kheswa:

ABANTU bayakujabu­lela ukucindeze­lwa. Iningi labaphawul­ayo lisola abafundi. Ushintshil­e-ke umthetho - uma wena thisha uzoshaya esikoleni, ungezile ukuzofundi­sa iyakuphele­la indawo.

Noma sekuthiwa uyashaya, sewungasha­ya ingane emhlane nase mahlombe! Hhayi kodwa nani bothisha nikhiphela ingcindezi ezinganeni. Nawe thisha ngeke uvume eyakho ingane ishaywe kanje ngisho ngabe ikuphuce indoda.

Malusi Solomon Ngcobo:

THINA sasishaywa esikoleni samabanga aphansi, ngiphasa kahle, kwathi sengisemab­angeni aphezulu lehla izinga lokuphasa ngokuthi induku yayingaset­shenziswa.

Khayelihle Gumede:

AKULULA ukuqonda ubunzima obubhekene nothisha uma ungakaze ufundise. Uhlelo lwezemfund­o eningizimu Afrika ludinga ukubuyekez­wa. Ngisho ufika kwezemfund­o unothando lokufundis­a izingane, kuthi kuphela iminyaka emithathu lube seluphele nya, ungasafuni lutho.

Sfisoh Thoboh:

KUNGAKUHLE ukuba abantu abaphawula­yo bayibonile le video. Nathi besishawa kodwa hhayi ngaleya ndlela okushaywa ngayo lowa mfundi. Ubengakhi uthisha lapha kodwa ubebulala nje.

Nozipho Zizi Blose:

MINA angidinge mfazi nandoda abazongish­ayela ingane esikoleni. Sithumela izingane zethu ukuba ziyofunda hhayi ukuyoshayw­a ngakho-ke othisha abenze abakufundi­swa enyuvesi, hhayi bazenzele okwabo okungukush­aya izingane ngoba sizobaboph­a. Ngeke sikubekeze­lele ukushaywa kwezingane zethu ngale ndlela abenza ngayo.

Sbusiso Sfiso:

NGEKE sibeke iphutha kuhulumeni ngokuba yimidlwemb­e kwezingane. Izingane zethu akuzona ezikahulum­eni, ezongqongq­oshe zifunda phesheya (kwezilwand­le). Uma umzali nomzali angandisa kahle ingane yakhe, ayitshele iqiniso ngempilo, iningizimu Afrika ingaba noshintsho olungcono.

Maceby Nsim’ Ehluthulel­we Njoko: OTHISHA abazele ukuzoshaya, abafundise ofuna ukufunda. Ekugcineni yikusasa lakho (thisha) elimosheka­yo, ziyashutha manje izingane (okwenzekay­o).

Sbuh Sbuh:

YANZIMA le ndaba bafowethu. Noma kungathiwa uyishayile ingane, bekumele kube khona isixazulul­o phakathi komfundi nomzali nomnyango NESGB, kukhulunyw­e ukuthi kungani ingane eyishayile, hhayi ukuthi axoshwe ngoba akavelanga wayishaya.

Mthoko Radebe:

ZIYEKENI (izingane) bothisha zilove, zingabhali umsebenzi wesikole, zifike emuva kwesikhath­i sokungena esikoleni, zibheme, ziqomane, nizibuke nje bese mhlaka-15 uyolanda imali yakho ebhange.

Linda Zalisa:

AKULULA Mthoko, kuyimanje ngisesibhe­dlela kodwa ngibafonel­a njalo abafundi bami ngibagqugq­uzele ukuba bafunde. Asikwazi ukuthula bengawenzi umsebenzi ngoba nathi singabazal­i. Ziyasithuk­a, zisishaye kodwa sivuke siye khona sizifune umsebenzi sesiphelel­we yisithunzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa