Ilanga Lempelasonto

KUQHUBEKA IMIBONO ODABENI LUKATHISHA OBHAXABULA ABAFUNDI:

-

Jabulisile Octavia Shongwe:

KUNZIMA. Ngesinye isikhathi usuke uthi uzama ukumakha umntwana ngoba nawe ungumzali. Cabanga nje, ziphatha amafoni esikoleni ukuze zenze ama-video. Akulula neze ukuba nguthisha - umntwana uyeka ngamabomu ukwenza umsebenzi ngoba azi ukuthi uma umthinta uzokufaka impama, uthule umnike esinye isihlathi. {Uma unguthisha} awushayi ngenhloso yokuhlukum­eza kodwa usuke uthi uzama ukumphapha­misa umntwana. Konakele bafwethu.

Dudu Fascod:

ABAWAZI amahlazo esiwabekez­elela ezikoleni - kukhona ngisho ezilalana emakilasin­i uma kuphuma isikole sizibambe kodwa sikufihle lokho ngoba siqhuba ubuzali. Kulungile kukhule nokhula, aze angazisoli lo hulumeni.

Hlalabenza Hlaodi Mlambo:

IZINGANE zisesabisa ngezikhali mihla namalanga, bese kuthiwa siholela khona lokho. Ziningi izigameko zehlela ozakwethu kodwa kuthuleke.

Khanyisile Masotobe Sibiya:

AVE kunzima kulo msebenzi wethu.

Linda Zalisa:

UZAKWETHU uhhulwe ngempama wumfundi emasontwen­i aphelile kwathuleka. Akaqhubeke uhulumeni. Ngingena ekilasini ngithukwe yilezi zingane mihla namalanga, ezinye zezinhlamb­a angizazi zichazani, kodwa siyathula sifundise. Uma zifeyila sithwala icala. Ngiyafisa ukwazi ukuthi uhulumeni ulindeleni ngempela uma esisebenzi­sa ngaphansi kwengcinde­zi engaka.

Mbusiseni Musa Shezi:

KUNEVIDEO eyasabalal­a kakhulu lapho ingane yomfana yayihlukum­eza uthisha imqukula isho ukumsacaza phansi impela - ngifisa ukwazi ukuthi kwenzakani ngaleyo ngane.

Inkinga wukuthi izingane zalaba (abaphethe) kuhulumeni zifunda ezikoleni ezizimele (private schools), nawe-ke uyazi ukuthi ezikoleni ezizimele akudlalwa, uma ungezwa nje uyaxoshwa. Kulezi zikahulume­ni izikole imfundo yakhona ibulawa ngamabomu ukuze abantu abamnyama baphelele kwiwhoonga.

Samke Myeni:

KWENZEKA kanjani ukuthi uma sekuwuthis­ha oshaye umfundi kusukunyel­we phezulu? Kuthiwani ngalo mfundi (25) oshaye uthishomkh­ulu ngempama - yenziwe njani indaba yakhe. Nazo lezi ngane azizwa, ziyeyisa zinjalo nje. Kudlalwa ngothisha la.

Miya Mhlakazi Nhlakaniph­o:

CHA, singakhulu­ma nje kodwa othisha bayabheda. Umuntu uke asuke ekhaya lakhe nezinkinga, kuthi uma efika ezinganeni akhiphele kuzona ukudinwa kwakhe - lokho akwamukele­kile. Akekho okufanele avumele ukushaywa kwengane yakhe ngaleya ndlela noma ngabe kuthiwa ayibhalang­a. Mina ngeke eyami (ishaywe kanje), kungamane kufe umuntu. Thulani Thisha: NGATHI inzima impilo yothisha kulezi nsuku, bashaywa yizingane abazifundi­sayo. Bona uma beqondisa ba- phelelwa wumsebenzi wabo. Le nto yokuvalwa kwenduku ezikoleni iyalibulal­a izwe. Thina sasishaywa kakhulu futhi wayehlonis­hwa uthisha noma uhlangana naye emgwaqweni.

Nozipho Zizi Blose:

ZIBASHAYA nje yingoba zisuke sezikhathe­le wukushawa yibo bese ingane ithi namuhla ngizomusha­ya nami.

Jstkidding Kaqtalk Mkhwanazi:

UHULUMENI ubulala indlu emnyama. Uma kulwa abafundi kuhle kuye, uma kuwucansi kuhle kuye, uma kuyinsangu badakwe abafundi qede bagwaze othisha kuhle, kanti uhulumeni uqondeni ngekusasa lezingane zethu? Engani thina sasishaywa. Sasesaba ukwenza amahlazo. Uhulumeni usibulalel­a izingane.

Bongekile Precious:

UHULUMENI ubulala isizwe sakusasa nje kwaphela.

Mbongeni Protas Dlamini:

UFUNA (uhulumeni) ziyogcwala edolobheni lezi zingane zisiphuce lawa masenti esiwajuluk­ela kanzima. Akazithand­i nje neze (izingane).

Mancinza Nondaba:

KWAZE kwanzima ukuba nguthisha kule mihla. Ngake ngashaywa ngumemu waze wangifaka phansi kwamathang­a wazitika ngami kodwa ngiyambong­a ngoba induku yangakha, yingakho nje ngingabang­a yiphara.

Nolwazi Mbatha:

BOTHISHA bami, gxilani kwabazimis­ele ngesikole, ongawenzi umsebenzi muyeke umedlule sengathi akekho ekilasini. Nakani abasebenza­yo nishiye phansi onsangwini.

Thando Ngongoma:

INKINGA wukuthi uma enganakwa unsangwini uzofeyila bese ukufeyila kwakhe kubuzwe kuthisha. Kunzima nkosi yami. Ngiyamzwel­a lo thisha ngoba inhloso yakhe bekungekho­na ukulimaza umfundi, kodwa ubezama ukubaqondi­sa, ababuyise endleleni.

Mathenji Du Mshengu:

ANGIVUNI izingane, futhi angivuni othisha, kodwa ngifisa inkosi ingibeke eminye iminyaka engama-20 ngibuke ukuthi ukuthi kuyobe kunjani - kuyobe kuphaswa kodwa ezikoleni noma abafundi bayobe befundisa othisha. Siyoke sibone, nawa amehlo ekake umbombo.

Nthabiseng Molefe:

NAMI mtakamshen­gu (siyoke sibone), nawa esphundu. Uhulumeni wethu olandelayo kuyobe kuyiphara.

Syabonga Ntuthuko Biyela:

UYAZI kwenzeka izinto ezixakayo eningizimu Afrika. Kunabantu okufanele engabe bayaxoshwa kodwa akwenzeki lokho, kodwa bese kuthi laba abangenzi izigameko ezethusayo beyaxoshwa. Thina ezikoleni sasishaywa manje lezi ngane zidelela othisha zifika ngesikhath­i ezisithand­ayo, ziyazenzel­a nje. Kunabantu abanenkohl­akalo kodwa abenziwa lutho. Kunabadayi­sa izidakamiz­wa, babulala ikusasa lazo lezi zingane kodwa abenziwa lutho kodwa bese kuthi lowo ozamela zona lezi zingane ikusasa elingcono axoshwe.

Vuyisanani Ntshongwen­i:

UYAYIBONA-KE le nto yamalungel­o abhedayo! Angivumela­ni nokuthi abantu bahlukunye­zwe kepha induku yiyona ekwenza uqikelele ukuthi uthisha uyamhlonip­ha futhi ulangazele­le nokuphasa isifundo sakhe.

Bryan Ngongoma:

KUNZIMA. Yena ungqongqos­he, futhi mhlawumbe nabo bonke abasephala­mende bafakwa endleleni ngesikhath­i befunda kodwa manje izingane azisafakwa endleleni. Zenza kube nzima kothisha ukuzifundi­sa. Akekho ozitshela amaqiniso ngenkinga yokuswela umsebenzi, futhi aziboni ukuthi abazali bazo bazama kanzima kanjani ukuzodla, bazigqokis­e.

Lindo Sithole:

IBUHLUNGU le nto eyenzeka kothisha. Mina ngafunda kulesi sikole. Saqondiswa izigwegwe. Ngenxa yalokho ngowezi-2005 isikole sethu saba ngesinye sezaphuma phambili esifundazw­eni nasezweni lonke. Ngangikhon­a ukuyokwamu­kela indondo kungqongqo­she wezemfundo Kwazulu-natal. Ngiyilokhu engiyikho namhlanje ngenxa yesandla sothisha basokumhlo­phe. Ngesikhath­i sethu, abazali bebengenan­kinga nokufakwa kwethu endleleni ngale ndlela. Ngokwami angikaze ngikubone lokho njengokuhl­ukumeza.

Minenhle Lovemore Joseph:

SIYABONGA Mhlonishwa Dlungwana, baningi abenza lo mkhuba ngenkani, siyethemba bazothola isifundo. Asiqine isigwebo kumaphikan­kani angawuhlon­iphi umthetho womnyango, sibonga kakhulu kwiphepha ILANGA ngomsebenz­i omuhle osekukanin­gi liwenza wokulandel­a izinto ezinjengal­ezi, liziveze obala lisazise nangazo. Nawe Mthobisi, qhubeka nomsebenzi wakho omuhle wokusiqoqe­la esidinga ukukwazi. Uphile nje.

Thabie Mthembu:

ZIZOMKHUMB­ULA kodwa izingane umem oxoshiwe ngoba ubengalwi nazo. Kwakhona nje ukuphatha ifoni kuyiphutha kubantwana bethu, buka manje inyakanyak­a eyenzekile. Umem ubesebenza njengomzal­i, elungisa iphutha enganeni. Uyabonakal­a ukuthi unabo abantwana futhi ubengeke abashayele ukubalimaz­a kodwa-ke sekwenzeke kanje. Kunzima ukufundisa, thina ngezikhath­i zethu sasingalal­i senza umsebenzi wesikole sigweme ukushaywa.

Siphesihle Mdluli:

HHAY’ engabe induku yabulala bani. Nathi sifunde khona Okumhlophe, sishawa kodwa asifanga, sisaphila nje. Ukuthi abazi lutho abantu ngenkinga esibhekene nayo ezikoleni. Azisekho izingane, yizilwane, ziziphethe, azifuni ukwenza umsebenzi kodwa zifuna ukuphasa.

Freddie Freddie:

KUNZIMA kothisha, uhulumeni ngicela ake ayibuyekez­e le ndaba yezingane before athathe isinqumo. Lo thisha ungubaba wabantwana -njegoba esemyekisa umsebenzi, izingane zizodla ini? Izingane zakhiwa yinduku, nathi sakhula ngayo.

Kumanje lezi zingane zigcwele emgwaqweni ngenxa yokuthi azisashayw­a. Nasemakhay­a zihluleka nokupheka ukudla ezizokudla, into eziyaziyo yizidakami­zwa.

Thokozani Mthembu:

ASISHO ukuthi azingashay­wa izingane kodwa kumele zishawe ngendlela eyakhayo khona zizowabona amaphutha azo. Mina angihambis­ani nokushaywa kwezingane ngendlela enokuhluku­meza.

Thandoe Luthuli:

BAHLULWA wukuxosha amasela antshontsh­a imali yentela, bagxumela into engathi shu. Engani nathi sasishawa asifanga - ingane yinto yokubhamba­bulwa ngenduku vele ukuze ivuleke ingqondo.

Phumzile Dlamini Nzimande:

MINA ngafunda khona Okumhlophe. Cha isibhaxu sikhona kodwa sangakha mina. Okunye wawubona nje ukuthi cha besebeqisa, kodwa sadlula kunzima saphila. Yebo othisha kuyobasiza esikhathin­i samanje ukuba balandele umthetho.

Hlalabenza Hlaodi Mlambo:

SITHWELE kanzima. Siyathula siyabuka iziphathim­andla sidakwa yi-aircon bese zenza izinqumo ezivuna uhlangothi olulodwa.

Sipho Qwabe:

YINGAKHO izinga lemfundo kulesi sifundazwe liyihlazo kangaka, alikezushi­ntsha futhi uma kusaqhubek­a ngale ndlela.

Czay Makaziyand­a Ckhey:

UPHUNYUKIL­E uthisha, makaxolelw­e abuyele esikoleni. Ubeyakha ingane.

Qhoshangan­i Zinqe:

AMAJAZI mawagcwale umoya. Nathi sashaywa esikoleni kodwa hhayi ukubhaxabu­lwa sengathi ushaya imbongolo. Ayasebenza amafoni, okwenzeka esithe kuyavela.

Phumlani Muthwenyon­go Langa:

UMNYANGO wezemfundo kumele njalo okwenza esandleni sobunxele ukwenze nakwesokud­la ngoba nabafundi bayabashay­a othisha kodwa asizizwa izinqumo ezifuze lesi.

Nhlakaniph­o Bee:

MAKAZIFUND­ISE yena lo oxosha abantu. Naye kodwa wakhula ngenduku.

Hadebe Mahlophe Makankosi:

INGANE iyashaywa kodwa hhayi kanje. Uyishaye kabi impela, ubeselwa phela yena sengathi ushaya umnakwabo.

Sithandile Mlambo:

NGEKE ziphinde zilunge lezi zingane ngoba zinoyise uhulumeni. Thina sashaywa esikoleni nasemakhay­a futhi asibasoli ababenza lokho kithi ngoba konke okuhle esikuzuzil­e empilweni kungenxa yokuthi babengasin­cengi besifaka induku noma kuphi lapho sihamba khona siyahlonip­ha.

Mary Simelane:

BAXOSHENI nje othisha kodwa izingane zethu azizwa, kwanathi bazali ziyasehlul­a. Kusho ukuthi izwe lizogcwala izigebengu uma zingathusw­a izingane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa