Umanyama uphumela obala nge-europe

Iturkey iyisitebhisi sokuya espain noma e-england

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

ULEBOGANG Manyama osanda kuthola amadlelo aluhlaza eturkey ufuna ukwenza le ligi isitebhisi sokufeza iphupho lakhe lokugijima kwenye yamaligi amakhulu e-europe.

Icape Town City imemezele ngolwesine ukuthi umanyama ulibhekisa kwikonyaspor edlala kwiturkish Super League. Lo mdlali uhamba nje, ubefunwa ngamakilabhu amakhulu aseningizimu Afrika kubalwa kuwona imamelodi Sundowns nekaizer Chiefs.

Idowns igcine isisele yodwa ibeka u-r8 million kodwa yashaywa ngesithende ngumnikazi wecity, ujohn Comitis, othathe u-r12,5 million obubekwa yile kilabhu yaseturkey. Njengoba sekuphelile ukuqagela ngalo mdlali, uthi isifiso sakhe manje wukwenza le ligi isitebhisi ukuze adlulele emaligini amakhulu e-europe okungaba ispanish La Liga yasespain, i-english Premiership yase-england ne-bundesliga yasegermany.

“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukugijima kula maligi ngoba yiwona amakhulu emhlabeni. Ngikholwa wukuthi le ligi engiyodlala kuyona njengamanje izongivulela iminyango ngikwazi ukufeza iphupho lami lokudlala kwenye yala maligi (amakhulu). Ngijabule ngaleli thuba engilitholile ngizokwenza ngawo wonke amandla ukulisebenzisa ngendlela,” kusho umanyama.

* Khonamanjalo, ubongani “Ben 10” Zungu obedlala kwivitoria Guimaraes yaseportugal, uthi selu- qine ngokwanele ukhakhayi lwakhe yingakho evumele phezulu ukujoyina ikilabhu edlala kwileague 1 yasefrance. Uzungu ujoyine ISC Amiens yasefrance ngoLwesine esuka kwivitoria Guimaraes.

Ubesahlale isizini kule kilabhu adlale ingcwenga yebhola kuyona. Ujoyina le kilabhu yasefrance nje, ubefunwa yibenfica yakhona eportugal ehlonishwayo e-europe. Lo mdlali okuvela ukuthi uthengwe ngo-r38,7 million, uthi useqine ngokwanele ukhakhayi ukudlala eligini ethe thuthu ngokwezinga.

“Ngifunde lukhulu eportugal. Iligi yakhona ingicije kakhulu ukubona ukuthi kuphilwa kanjani e-europe. Leli yigxathu lami lesibili elibheke phambili ngeke ngihlehle,” kusho uzungu.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

ULEBOGANG Manyama wecape Town City osebhekisa amabombo kwelaseturkey.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.