U-PARKER UHLUKENE KABILI NGE-CHIEFS

Zinqobe okokuqala izitshudeni

Ilanga langeSonto - - Front Page - PHILANI NCALANE

KWEHLE iziqhomo kwabeOrlando Pirates ihlulwa yibidvest Wits ngo-1-0 emdlalweni we-absa Premiership izolo ngomgqibelo kusihlwa ebidvest Stadium, egoli.

Igoli lezitshudeni libekwe enethini ngugerald Phiri wasemalawi ngomzuzu wesihlanu. Iwits ibiqala ukunqoba selokhu kuqale isizini entsha yepremiership. Lokhu bese kulethe ingcindezi enzima kugavin Hunt ongumqeqeshi wale kilabhu, okuyiyona evikela le ndebe kule sizini.

Iwits incishwe iphenathi ngesiwombe sokuqala ebingenza kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngo2-0.

Iwits ibidlala ibhola elingcono kakhulu kunesidume ngalo njengoba iye kulo mdlalo ingayazi nhlobo iwini kwipremiership. Iwits iqale lo mdlalo ngabadlali abangasajwayele ukuthola ithuba lokuqala imidlalo. Kubona kubalwa uthabang Monare noben Motshwari.

Uhunt ubabeke eceleni abadlali abanesipiliyoni sokudlala phesheya okubukeka bengayisizi ngalutho le kilabhu. Ubeke ngaphandle usteven Pienaar nodaylon Claseen.

Iwits ibizenzela ngesiwombe sokuqala njengoba bebefana nezibukeli uthembinkosi Lorch nothabo Qalinge abebegijima ezinhlangothini phambili kwibucs ngesiwombe sokuqala.

Kulo mdlalo kulimale kanzima entanyeni uphumlani Ntshangase ophume ngohlaka ngemuva kokulinyazwa nguthamsanqa Gabuza. Nokho-ke lo mdlali usheshe wabuyela ensimini kucaca ukuthi akukubi kakhulu.

Lo mphumela ugadle kwezwela kubalandeli bebucs abebeqhosha ngokuthi le kilabhu kayikaze ihlule selokhu kuqale isizini. Ibucs igcine ukuhlulwa yilamontville Golden Arrows emdlalweni wokugcina wangesizini edlule, emoses Mabhida Stadium, ethekwini. Ngakolunye uhlangothi iwits ibigcine ukunqoba ihlula ipolokwane City ngesizini edlule. Izitshudeni ziye emdlalweni wayizolo sezingenelwe ngamagoli ali10 emidlalweni eyisihlanu yeligi.

Umilutin “Micho” Sredojevic ololonga ibucs ubephumele obala ngokuthi uzobhubhisa amakilabhu amaningi njengoba abadlali sebesibamba isitayela sakhe.

Lokhu ukusho ngemuva kwekhefu lefederation of International Football Association (Fifa). Uthe leli khefu limnikeze ithuba elanele lokusebenza nabadlali bakhe kwazise ufike kule kilabhu sekubalwa izinsuku kuqale isizini entsha.

Umicho ubukeke efuna ukuyixazulula inkinga yebucs yokushalazela amapali njengoba ebehlasela ngabagadli ababili okungugabuza nolyle Foster.

Ibaroka FC icazelane amaphuzu ne-ajax Cape Town kuba ngu-2-2 kowepremiership izolo ngomgqibelo ntambama epeter Mokaba Stadium, epolokwane. Amagoli ebaroka avalelwe enethini ngurichard Matloga ngomzuzu we-12 nolewis Macha ngowama-57. Awe-ajax ashaywe ngurodrick Kabwe ngomzuzu wesi-2 notashreeq Morris ngowama-50. Icape Town City ibuyise isithunzi ihlula ipolokwane City ngo-1-0 wephenathi evalalwe ngulehlohonolo Majoro sekusele amanenjana kusongwe umdlalo wepremiership ngolwesihlanu ecape Town Stadium.

Abadlali bepolokwane bahlasele unondweba kulo mdlalo bekhala ngezinqumo zakhe. Icity ibisanda kuhlulwa yi-orlando Pirates ngo-1-0 kanti ngemuva kwalokhu ibinenebulwe yikaizer Chiefs ngo2-0.

Isupersport United idlulele kuma-semi Final ecaf Confederation Cup ibambana nezecso United yasezambia kuba ngu-2-2 izolo ngomgqibelo ntambama elevy Mwanawasa Stadium, ezambia.

Isupersport isizwe wukuvalela amagoli amabili ekuhambeni njengoba kowomleze wokuqala lama kilabhu ebambane ngo-0-0 etshwane. Amagoli esupersport avalelwe enethini nguthuso Phala kwathi awezesco ashaywa nguching’andu nodavid Owino. Uphala ube yiqhawe lesupersport kulo mdlalo njengoba evalele igoli lokulinganisa sekusele kancane kuphele umdlalo.

Lo mphumela umjabulise kakhulu u-eric Tinkler ongumqeqeshi wesupersport. Lo mqeqeshi akamusha kulo mqhudelwano njengoba efake ibucs kowamanqamu yahlulwa yiEtiole du Sahel yasetunisia ngaphambi kokuthi ajoyine icape Town City ayinqobise itelkom Knockout. kwiconfederation Cup.

Ahlulekile ukubutha abaphuzu amathathu ekhaya amakilabhu akwazulu-natal abenemidlalo emqoka yenational First Division (NFD) izolo ngomgqibelo ntambama.

Ithongathi FC inenebulwe yimthatha ngo-2-1 eprincess Magogo Statium, Kwamashu kwathi iroyal Eagles yabambana nesuper Eagles ngo-1-1 eharry Gwala Stadium, emgungundlovu.

Ireal Kings United ibuye nephuzu elimqoka ekuhambeni ibambana neblack Leopards kuba ngo-0-0 izolo elimpopo.

Ikings sekuyisizini yesibili igijima kwinfd, kanti ithongathi ingomakoti kulesi sigaba njengoba ingene kusona ngemuva kokunqoma imidlalo yokuhlunga yesouth African Football Association ABC Motsepe League ezinyangeni ezimbalwa ezedlule emonti.

Isiyonke imiphumela yemidlalo YENFD ihambe kanje:

Stellenbosch 1, Cape Town All Stars 0; Mbombela United 1, Highlands Park 0; Royal Eagles 1, Super Eagles 1; Spurs 1, Tuks 2; Leopards 0, Kings 0; Thongathi 1, Mthatha

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UHLULEKE noma esezabalaza kanjena uthabo Qalinge ukusiza ipirates ihlulwa yiwits ngo-1-0 izolo ngomgqibelo kusihlwa, egoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.