KUMISIWE UKUKHISHWA KWABANTU EMIJONDOLO YASE-LENASIA

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

I-ECONOMIC Freedom Fighters (EFF) isamukele isinqumo sokumiswa kohlelo lokukhishwa kwezakhamuzi ezihlala emijondolo eselenasia South, egoli.

Le nhlangano ithi ngemuva komhlangano nemeya yasegoli, umnu Herman Mashaba, nowezokuphepha komphakathi kuleli dolobha, umnu Michael Sun, kuvunyelwene ngokuba kumiswe ukukhishwa kwabantu kule ndawo.

Kushone abantu ababili kwalimala abaningi ngolwesihlanu ngesikhathi itholene phezulu phakathi kwamaphoyisa namared Ants abekhipha abantu abahlezi kule ndawo ngokungemthetho.

Unobhala WE-EFF egoli, umnu Silumko Mabona, uthi ayikho indlela emfishane nesheshayo yokubhekana nenkinga yezindlu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.