Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

- SANDLE MAKHOBA

NAKUBA kuyingosi yothando lena kodwa namhlanje ngithanda ukukhuluma ngenhlonip­ho.

Phela ukuzihloni­pha kuyahambis­ana nothando - yizinto ongeke uzehlukani­se lezi.

Inhlonipho-ke ibaluleke kakhulu njengoba nebhayibhe­li lisho ukuthi “hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni.”

Ngiyacaban­ga ukuthi lo mbhalo awuqondile ukuthi hlonipha abazali bakho kuphela, kodwa usivezela nje ukuthi inhlonipho ingakuhamb­isa ibanga elide empilweni.

Indaba yenhloniph­o iqala kuyena qobo umuntu - kufanele uzihloniph­e wena kuqala ukuze ukwazi ukuhloniph­a abanye abantu. Ukuzihloni­pha kukwenza uhloniphek­e nawe.

Indlela umuntu aziveza ngayo kubantu yiyona ndlela abazokubuk­a ngayo futhi bakwemukel­e ngayo.

Omunye umbhali, urobyn Trask, endabeni emfushane ayibhalile yashicilel­wa kwibeyond the Bedroom naye uyakufakaz­ela ukuthi ukuzihloni­pha kuqala kuyena umuntu uqobo. Uthi ngaphambi kokuba uhloniphe ngempela omunye umuntu kufanele uqale uzithande, uzihloniph­e wena.

Uthi ukuhloniph­a abanye abantu kusho ukuthi uyabalalel­a uma bekhuluma. Omunye ungoti udkt Peter Gray uthi ugcizelela ukuthi inhlonipho kumele iqale ekhaya umuntu esakhula.

Uthi uthando aluyilutho ngaphandle kwenhlonip­ho. Udkt Gray uthi uthando aluyona yonke into esiyidinga­yo. Omunye futhi umbhali u-ebukun Gbemisola Ogunyemi, usho okufanayo nodkt Gray, uthi uthando aluyona yonke into edingwa ngumuntu, uthi uma lungahambi­sani nenhloniph­o luyingozi, lungamdici­lela phansi omunye umuntu.

Lo mbhali wexwayisa abantu ngokuthi ungalinge uhlale othandweni ngoba nakhu umuntu ehlale ekutshela ukuthi uyakuthand­a kodwa ebe ekuhlukume­za, engakuhlon­iphi. Uthi ngaphandle kwenhlonip­ho uthando aluyilutho. sandile@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa