UBUNGANI OBUNGALINDELEKILE OBUPHAMBANA NOMLANDO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

VICTORIA & ABDUL UMQONDISI: Stephen Frears ABADLALI ABAPHAMBILI: Judi Dench (Queen Victoria), Ali Fazal (Abdul Karim), Eddie Izzard (BertiePrince of Wales), Adeel Akhtar (Mohammed), Tim Pigott-smith (King Charles 111), Olivia Williams (Baroness Churchill). UHLOBO: Drama IMINYAKA: PG-13 UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

YISIMANGA lesi esikule filimu sobungani obungalindelekile phakathi kukaqueen Victoria noAbdul Karim wasendiya ogcina eyisethenjwa esingafunwa ngabanye abasondelene nendlovukazi. Ifilimu isuselwe encwadini yentatheli ushrabani Basu equkethe lo mlando okuthiwa uyiqiniso.

Ngowe-1887 u-abdul nomohammed bathunywa engilandi besuka endiya emcimbini wokunikezela indlovukazi ngendondo obizwa ngequeen’s Golden Jubilee. Khumbula phela i-india ibingaphansi kombuso wasengilandi, ilawulwa khona. Kushintsha ukwenza uma sebefika kuleli lizwe ethandwa yindlovukazi, bagcina sebehlala khona isimenza uthisha wayo, umeluleki nomngani nokungehli kahle kwindodana ubertie nabanye basebukhosini ngokunjalo nezisebenzi.

Ubungani babo buze bufike ezingeni lokuba indlovukazi ikhiphe umyalelo wokuba kulandwe umndeni wakhe u-abdul ose-india okungumkakhe, yindodana nomkhwekazi wakhe bayozohlala khona endlunkulu. Kuyaliwa la ngaphakathi njengoba nendlovukazi isikhulile, baze besabise ngokuyibopha nokuthi udokotela wayo uzokhipha umyalelo wokuthi azisadumi kahle ekhanda bese isuswa esihlalweni.

Lokhu kungqubuzana kuveza ngokusobala ukubukelana phansi ngokwenkolo, amasiko, amandla, njalo njalo. Kwehlula noma sebeveze umlando ngamangisi namamuslim ayeqambe ngakho amanga kwindlovukazi u-abdul kodwa iqhubeke imxolele, inamathele kuye. Umngani wakhe umohammed akezwani nayo yonke le nto eyenzekayo kwazise yena useyisisebenzi nje esijwayelekile, esingaphansi kwale ntandokazi yendlovukazi. Bayazama laba nokumsebenzisa umohammed njengoba esegula ukuba aqambe amanga ngomngani wakhe nokuthi uma enqaba bamlaxaze kanjalo kuze kube uyashona. Nasekugcineni sekuzophuma umphefumulo kwindlovukazi, ibiza yena lo mngani, inxuse ukuba baphume laba babashiye bobabili. Akhona namahlaya phakathi kanti ingena ngolwesihlanu oluzayo mhla zingama29 e-cinema.

zowakha@ilanganews.co.za

NALU uhlu lwamafilimu ayi-10 abehamba phambili ngokubukwa kwimpelasonto edlule yomhlaka-15-17:

1. IT

2. DARK TOWER 3. AMARIICAN ASSASSIN 4. HOME AGAIN

5. SON OF BIGFOOT, THE 6. HITMANS BODYGUARD 7. AMERICAN MADE 8. GIRLS TRIP

9. LOGAN LUCKY

10. ANNABELLE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.