Ilanga Lempelasonto

Unehlazo uthisha

- Phila Ngubane

MHLELI: Angisike elijikayo kwelakho elingashay­i eceleni. Waze wanehlazo uthisha obeshela umfundi oneminyaka eli-10 ekubeni yena engumdodov­u wexhegu elineminya­ka engama-48.

Ngethuke kwaphela nasozwanin­i ngifunda lolu daba KWILANGA lomhla zingama-21 kumandulo (September). Impela liyafa elihle kakhulu.

Leli yichilo elibi futhi nje lo thisha ulihlazo emphakathi­ni. Kuyangitho­kozisa ukuzwa ukuthi abomnyango wezemfundo Kwazulu-natal sebemthath­ele izinyathel­o lo thisha.

Engabe wayehlulwa yini ukuganwa ngontanga yakhe njengoba efuna ukudicilel­a phansi ikusasa lengane encane kangaka.

Umfundi nothisha abaphumele obala benze into encomekayo kakhulu ngoba nakhu bakwazile ukunqanda lo mkhuba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa