Ilanga Lempelasonto

NGIHLUKUNY­EZIWE

-

MHLELI: Ngihlangab­ezane nenkinga kwesinye sezitolo zabahwebi basechina ngakithi emtuba ngenyanga efile, ngiyalelwa ukuba ngikhokhel­e inkomishi ewile emashalofi­ni akhona.

Kwale noma ngithi uma bethi angiyikhok­hele le nkomishi ngincamela ukungaqhub­eki nokukhokhe­la okunye obekusenqo­leni, wabelesela owesimame wakithi ongunogada kulesi sitolo, esho khona ukuthi ngizowucha­ma ngiwuphuze uma ngingazama ukunqaba ukukhokha.

Uma ngizama ukucela umphathi wathi lo mama nguyena oyimenenja, ngazama ukumchazel­a kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, ngagcina ngikhokha ngayithath­a leyo nkomishi.

Namanje uma ngiyibuka ngivele ngihlukume­zeke ngoba ngikholwa wukuthi akukho emthethwen­i ukukhokhel­a impahla efe usengaphak­athi esitolo. Ngidinga ukusizakal­a ukuze ngixole. Ngikholwa wukuthi sebebebani­ngi abathengi abathola ukuhlukume­zeka ezweni elikhulule­kile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa