MAKULIWE NOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE
MHLELI: Akusoze kwaphela ukuhlukumezeka kwabesifazane. Ngike ngabona omunye usisi eqhaswe amazinyo engakwazi nokukhuluma kahle, waluchaza udaba lwakhe ukuthi ukhahlelwe yindoda ngeguzi.
Bantu besifazane qinani, nani ningaziyekeleli uma nihlukunyezwa noma ngayiphi indlela empi- lweni. Masingayeki ukukhuza umhlola osekubonakele ukuthi awusoze waphela esizweni sakithi - baningi abathule bebe behluku- mezeka.
Masibambaneni, silwe sonke nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Okhathazekile