Ilanga Lempelasonto

AWUQHUBEKE NOKUDLALWA UMCULO WAKHE

-

MHLELI: Kunobhuti onesiphiwo sokucula, benginokum­uzwa kwiN-COR FM, igama lakhe ngulindani Gumede. Kunengoma yakhe ethi: "Kuyayiwa ezulwini" bese kuba ethi: "Sebekhulum­e konke" - kuvele kucwebe izinyembez­i mangiyilal­ela.

Ishayiwe le ngoma kalindani. Kwangijabu­lisa ukumuzwa okhozini FM ohlelweni lukalady D. Masethembe uzoqhubeka udlalwe umculo wakhe, singagcini ngokuwuzwa kuma- community radio station.

Ngiyafisa nokuba abantu bameseke, bawuthenge umculo wakhe, bawudlale. Likhona ithalente eningizimu Afrika, sicela ukulizwa nasemisaka­zweni emikhulu.

Ms N Ntombela ENKANDLA, ESIDUMUKA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa