THANDI ZONDI
Izixha ezimbili ( bunch) ze-spinashi, esiqotshiwe Izinkomishi ezimbili zempuphu U-anyanisi omkhulu, uqotshwe ube mncane Ugarlic
Isipuni samafutha
Ifeta cheese SHISISA amafutha ebhodweni, ufake u-anyanisi, ugarlic ulokhu ugovuza. Faka ispinashi, iblack pepper nosawoti wokunandisa.
Vala ibhodwe uyeke ispinashi sivuthwe.
Yengeza nge- feta cheese nempuphu ukuhlanganise ndawonye, ungalisusi ibhodwe esitofini.
Yengeza ngempuphu uma ubona kunesidingo.
Kuyeke imizuzwana ulokhu ugovuza cishe izikhawu ezine, kuze kuvuthwe. Kungadliwa nenyama yenkukhu noma amaveji arostiwe. Izinkomishi ezimbili ze- rice
Irobertsons rice spice
Irobertsons BBQ chicken spice
Usawoti Irobertsons black pepper
Ispinashi
I- Olive oil
U-anyanisi owodwa omkhulu Iclover feta cheese Chicken breasts UMTHOMBO: SAMKE MHLONGO Washa irice bese ulipheka.
Uma selithambile licwenge uphinde ulifake ebhodweni usuliyakaze ngamanzi abandayo. Libuyisele esitofini kube yimizuzwana lishe amanzi bese ufaka i- rice spice.
Liyeke liphole ngesikhathi usematasa ulungisa ispinashi nenkukhu. Beka ibhodwe lakho esitofini, uma selishisa faka i- olive oil. Faka u-anyanisi wakho ne- garlic emafutheni ashisayo. Faka ispinashi, iblack pepper nosawoti. Kupheke kube yimizuzu emibili kuya kwemine, ungasipheki size sithambe kakhulu ispinashi. Inkukhu ifake i- black pepper, usawoti nechicken spice. Yifake epanini uyithose emafutheni kube yimizuzu emihlanu.
Kuthose epanini imizuzu emihlanu, ulokhu uphendula. Hlanganisa irice nespinashi ndawonye.
Bese usika ama- chicken breast abe zingcezu, uwabeke ngaphezulu ne- feta cheese maphakathi nawo. UMTHOMBO: SAMKE MHLONGO