Ilanga Lempelasonto

ISETHEMBIS­O SIKA-TEBZA NGE-CHIPPA UTD

- SENZO SOKHELA

UTHEMBISA into yamehlo utebogo “Tebza” Moloi ongumqeqes­hi omusha wechippa United ozobhekana nomdlalo wakhe wokuqala ekhaya selokhu eqhoqhobal­e lesi sigqiki. Ichippa izodudulan­a nebloemfon­tein Celtic kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h00 enelson Mandela Bay Stadium, ebhayi. Ichippa iya kulo mdlalo nje, isinomqeqe­shi omusha, umoloi, othathe lo msebenzi kudan “Dance” Malesela okhonjwe indlela.

Umoloi usagijime umdlalo owodwa ekulesi sigqiki ezakhe zibambana nesuperspo­rt United ngo-1-1 koweligi ngolwesibi­li ebusuku elucas Moripe Stadium, e-atterid- geville. Umoloi uzogijima umdlalo wakhe wokuqala ekhaya selokhu ethathe lo msebenzi. Kubhekwe ukuba ajabulise abalandeli kwazise bahambe benxapha le kilabhu igcina ukudlala ekhaya njengoba italajwe yibaroka FC ngo-3-1 kuyo le nkundla emasontwen­i ambalwa edlule.

Umoloi uthi abathandi bebhola bazobona into yamehlo.

“Siye emdlalweni wesuperspo­rt ngisayijim­ise kabili nje kuphela ikilabhu. Kulokhu ngisitholi­le impela isikhathi ngalungisa nalapho bekonakele khona. Ngendlela izinto eziyiyona kangisabi nakancane futhi ngiyathemb­isa ukuthi abantu bazobona into yamehlo kulo mdlalo. Bazobona ichippa ezelwe kabusha,” kusho umoloi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa