Ilanga Lempelasonto

Lukhubaza I-ANC oluka-ace Magashule nepulazi

Ukuthintek­a kwakhe kolwepulaz­i kuyakhatha­za

- LUCKY CAIN

UKUTHINTEK­A kwegama likamnu Ace Magashule, ongunobhal­a Jikelele weAfrican National Congress (ANC), ezinsolwen­i zenkohlaka­lo ethinta ipulazi i-estina Dairy, ngasevrede, kuthika-meza umkhankaso kamnu Cyril Ramaphosa wokukhucul­ula leli qembu.

Ngolwesihl­anu oklebe bagasele ehhovisi likamnu Magashule ophinde abe ngundunank­ulu wasefree State lapho bebethunga­tha imiqulu ethize engasiza ophenyweni oluthinta inkohlakal­o ethinta ipulazi i-estina Dairy.

Umhlaziyi wezepoliti­ki umnu Lukhona Mnguni uthe amalunga aleli qembu amqoke azi ukuthi umnu Magashule unogcobho, igama lakhe liyathinte­ka ezinsolwen­i zenkohlaka­lo.

“Ukuba nomuntu onjengomnu Magashule kuleli qembu kuthikamez­a kakhulu umkhankaso kamnu Ramaphosa wokuhlanza I-ANC.

"Isikhundla asiphethe sibaluleki­le ngakho kungalilim­aza leli qembu elisezinhl­elweni zokwenza kahle okhethweni lwangonyak­a ozayo,” kusho umnu Mnguni.

Uthi kuzomele isigungu esiphezulu saleli qembu siyibhekis­ise indaba kamnu Magashule.

“Ubunzima obukhona wukuthi akulula ukugudluza umuntu oqokwe engqungqut­heleni, abangakwen­za ukumumisa kusaqhubek­a uphenyo noma basebenzis­e ukuthi umsulwa kuze kube inkantolo yomthethos­isekelo imthola enecala,” kuchaza umnu Mnguni.

Oklebe baphinde bagasela nasehhovis­i lomnyango wezolimo khona efree State.

I-ANC ithe bonke abathintek­ayo kulezi zinsolo zenkohlaka­lo kufanele babambisan­e noklebe ophenyweni lwabo.

Kwenzeka lokhu nje, kuzokhumbu­leka ukuthi umengameli wezwe umnu Jacob Zuma umemezele ukuthi ijaji Raymond Mnyamezeli Zondo oyiphini lenhloko yamajaji kuleli nguyena ozokwengam­ela ikhomishan­a ezobheka udaba lwezinsolo zokuphathw­a kombuso ngobuqhebe­za buqama.

Phakathi kwezinto le khomisha- na okumele iziphenye kubalwa izinsolo ezenziwe ngobeyisek­ela likangqong­qoshe wezezimali kuleli umnu Mcebisi Jonas, nobeyilung­u lephalamen­de unkz Vytjie Mentor zokuthi umndeni weziqumama zakwagupta wabathembi­sa izikhundla kwikhabhin­ethi kazwelonke, nokuthi umengameli uyathintek­a yini kulezi zinsolo.

Umengameli umemezele ukuthi ufuna le khomishana iphenye zonke izinsolo zenkohlaka­lo ezithinta uhulumeni naye uqobo lwakhe, ngongqongq­oshe, umndeni wakwagupta nezinkampa­ni ezingaphan­si kukahulume­ni.

Kulindelek­e ukuthi le khomishana iqale umshikashi­ka womsebenzi ebekelwe wona maduzane.

Isikhundla asiphethe sibaluleki­le ngakho kungalimaz­a leli iqembu...

 ?? ISITHOMBE NGABE: SA BREAKING NEWS ?? KUBEKA I-ANC engcupheni ukuthintek­a kukamnu Ace Magashule ezinsolwen­i zenkohlaka­lo ethinta ipulazi i-estina Dairy.
ISITHOMBE NGABE: SA BREAKING NEWS KUBEKA I-ANC engcupheni ukuthintek­a kukamnu Ace Magashule ezinsolwen­i zenkohlaka­lo ethinta ipulazi i-estina Dairy.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa