Ilanga Lempelasonto

EZIFINGQIW­E:

-

ICALA elibhekene namaphoyis­a amathathu kamasipala wasegoli, asolwa ngokubanda­kanyeka esigamekwe­ni sokubulawa kwentathel­i ugodknows Nare lizodlulis­elwa enkantolo ephakeme yasegauten­g.

Lawa maphoyisa avele enkantolo ngecala lokubulala, ukushaya nokuphamba­na nengalo yomthetho kulandela ukuboshwa kwawo ngamaphoyi­sa ophiko loklebe.

Imantshi ujohn Baloyi ngoLwesihl­anu enkantolo yemantshi yaseroodep­oort inikeze abasolwa ibheyili ka-r5 000 umuntu ngamunye.

Abasolwa ngulincoln Moloi (35), unhlanhla Joseph Vilakazi (29) nothozamil­e Mhlanga (37) kanti bonke ngabasesow­eto futhi bashadelwe banezingan­e.

Ummeli wabasolwa uhlakudi Mpe ufundele inkantolo incwadi efungelwe yabasolwa besho ukuthi abanayo imali yebheyili ebekwe yimantshi kodwa bengakwazi ukukhipha imali engu-r2 000, ngaphandle kukamhlang­a othe yena engakwazi ukukhipha imali engu-r1 000.

Unare (40) ubulawe eduzane nasemzini wakhe oseFlorida, entshonala­nga yegoli ngomhla zili-17 kuMbasa (April) nyakenye.

News24

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa