EZIFINGQIWE:
ICALA elibhekene namaphoyisa amathathu kamasipala wasegoli, asolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwentatheli ugodknows Nare lizodluliselwa enkantolo ephakeme yasegauteng.
Lawa maphoyisa avele enkantolo ngecala lokubulala, ukushaya nokuphambana nengalo yomthetho kulandela ukuboshwa kwawo ngamaphoyisa ophiko loklebe.
Imantshi ujohn Baloyi ngoLwesihlanu enkantolo yemantshi yaseroodepoort inikeze abasolwa ibheyili ka-r5 000 umuntu ngamunye.
Abasolwa ngulincoln Moloi (35), unhlanhla Joseph Vilakazi (29) nothozamile Mhlanga (37) kanti bonke ngabasesoweto futhi bashadelwe banezingane.
Ummeli wabasolwa uhlakudi Mpe ufundele inkantolo incwadi efungelwe yabasolwa besho ukuthi abanayo imali yebheyili ebekwe yimantshi kodwa bengakwazi ukukhipha imali engu-r2 000, ngaphandle kukamhlanga othe yena engakwazi ukukhipha imali engu-r1 000.
Unare (40) ubulawe eduzane nasemzini wakhe oseFlorida, entshonalanga yegoli ngomhla zili-17 kuMbasa (April) nyakenye.
News24