Ilanga Lempelasonto

I-IFP ICHITHA ISIPHAKAMI­SO SIKAKHONGO­LOSE NGOLOMHLAB­A

-

INKATHA Freedom Party (IFP) ichitha isicelo se-african National Congress (ANC) sokuba uhulumeni alawule umhlaba wasemakhay­a kubalwa nalowo ongaphansi kwengonyam­a Trust.

Unobhala WE-IFP uvelenkosi­ni Hlabisa ekhuluma esiteshini somsakazo i-702 ubeke izizathu ezinqala zokuthi kungani benqaba lesi sicelo somhlaba wengonyama Trust obalelwa ku-3 million hectares.

Uthe lokhu kuzokwenza abamnyama, amakhosi, nongangezw­e Lakhe balahlekel­we wumhlaba omncane asebesele nawo eningi-zimu Afrika ongalawulw­a ngabadla izambane likapondo.

Umbiko obukhishwe yisigungu esiholwa ngowayengu­mengameli wakuleli ukgalema Motlanthe ubike ukuthi okwenziwa yingonyama Trust kakukho emthethwen­i futhi kayikaze yenze lutho ekwakheni isizwe. Ngempelaso­nto eyedlule isilo, ugoodwill Zwelithini, sikhiphe isexwayiso esibhekisw­e kwiANC sithi mayehlukan­e nokugxambu­kela kweyomhlab­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa