Ilanga Lempelasonto

ISIKHULU SIFAKE U-ESKOM ENKANTOLO

-

INKAMPANI yakwa-eskom ngoLwesihl­anu ifakwe ngumatshel­a Koko enkantolo yezezisebe­nzi ngenhloso yokuphikis­ana nesinqumo sayo sokunqamul­a inkontilek­a yakhe yomsebenzi ngenxa yemisebenz­i yesamba esibalelwa ku-r1 billion eyayinikwe indodakazi yakhe kule nkampani.

Okhulumela le nkampani ukhulu Phasiwe uvumile ukuthi ube nomhlangan­o nomqondisi uphakamani Hadebe ngolwesine lapho evalelwe khona ekhoneni ukuthi athathe isinqumo sokuthi uyesula emsebenzin­i noma uyaxoshwa. Kukho kokubili akunikiwe akavumanga lutho wakhetha ukuya enkantolo. Lesi sikhondlak­hondla senkampani kagesi esibhekene nezinkinga siphinde saxosha udhiraj Bhimmaç obeyi General Manager of Outages obeseyisik­hulu sesine ukuthi sixoshwe esontweni elilodwa kule nkampani. Ngolwesibi­li kwesule u-anoj Singh elandelwa nguprish Govender ngosuku olulandela­yo, ngolwesine kwanguchar­les Kalima. Umnyango wokwesulwa kwezikhulu kule nkampani uvulwe nguzethemb­e Khoza obengusihl­alo webhodi owesule ngolwesihl­anu olwedlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa