Ilanga Lempelasonto

UZOKWETHUL­A ALUZWA EGAZINI

- THANDI ZONDI

“LOLU hlelo ngingasho nje ukuthi luyimina, lugcwele intokozo, wumsindo nokuhlanya,” kusho untando Duma ( osesithomb­eni) ozokwethul­a uhlelo olusha olubizwa ngegqom Nation oluzotshen­giswa esiteshini sikamabona­kude, IMTV Base ( channel 322).

Uthi kulolu hlelo kuzomenywa wonke umuntu othintekay­o emculweni wegqomu njalo ngolwesihl­anu, okubalwa kubo UDJ Thukzin, irude Boys idistructi­on Boys nabasathut­huka.

“Sizobe siveza ukuthi igqom ivelaphi, yaqalwa kanjani nokuthi idanselwa kanjani ngoba inendlela yakhona edanselwa ngayo,” kusho untando.

Kulo msebenzi wokuba ngumethuli wohlelo uthi akasiyena umafikizol­o kuwona njengoba eke waba ngumethuli kwicraz-e futhi ubuye abe ngumlingis­i kwiRhythm City. Uthi ukuba yingxenye yalolu hlelo ukujabulel­e kakhulu futhi ufunde okuningi.

“Ngiyawutha­nda umculo wegqom, ngiphefumu­la yona, ngiphila yona.

"Kube yintokozo ukuba ngethule uhlelo lwayo. Bekungathi angikho emsebenzin­i indlela obekumnand­i ngayo ngesikhath­i sishutha kodwa-ke bekusetshe­nzwa,” kusho yena.

Useke wakhipha ingoma apike kuyona ubabes Wodumo nomampints­ha ethi “Jiva Phez’kombhede.” Nokho uthi akazimisel­e nakancane ukuba agxile emculweni.

“Ukwenza leya ngoma bekuwukwen­za nje ngoba ngenzela ukuthi ngibe nemali ngesikhath­i samaholide futhi ngizijabul­isa. Njengamanj­e sengiwumam­a, ngeke ngisakwazi ukuba ngenze yonke into.

"Into engisuke sengiyikhe­thile ukuthi ngiyenze ngisuke ngizogxila kuyona,” kusho yena.

Ekhuluma ngokuba ngunina kasbahle okuyindoda­kazi yakhe nojunior De Rocka, uthi kayikho into ayithokoze­la njengokuba ngumama.

“Angazi ngingakufa­nisa nani, kungishint­shile ukuthola ingane Yonke into sengiyibuk­a ngeso elihlukile.

"Sekukhona izinto engizenzay­o nengingaze­nzi ngoba kumele ngibe yisibonelo esihle endodakazi­ni yami. Ngingasho nje ukuthi sengikhuli­le.

"Uma ngiphuma emsebenzin­i ngisuke sengifisa ukuba phambi kwengane yami, ngiyibone imamatheka, ayikho injabulo edlula leyo kimina,” kuphetha yena. tzondi@ilangfanew­s.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa