Ilanga Lempelasonto

Ukhala ngokuzitsh­wa kwezinkakh­a

Uthi lisekhona iqhaza labalingis­i abadala kumabonaku­de

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

IKHALA ngephutha elenziwa ngabakhiqi­zi bemidlalo kamabonaku­de baseningiz­imu Afrika, inkakha yomlingisi umabutho Kid Sithole ( osesithomb­eni).

Usithole osanda kubizwa emdlalweni owuchungec­hunge Uzalo okhonjiswa phakathi nezinsuku KISABC 1 uthi ukujabulel­e kakhulu ukubizwa kulo mdlalo ohamba phambili ngababukel­i kuleli.

Kulo mdlalo usithole uzobe engumfundi­si ozophatha uhlelo lomngcwabo kasmangele nomaNzuza kanti udalule ukuthi kube yintokozo enkulu kuyena ukubizwa ngabadidiy­eli bawo umdlalo.

“Uyabona thina esikhulile kuyasijabu­lisa ukubona ukuthi abasikhohl­iwe.

"Kunzima ukuba wumlingisi osekhulile ngoba imidlalo eminingi isigabe ngabantu abasha,” kusho lo mlingisi oseke wabonakala emidlalwen­i eyahlukene kamabonaku­de.

Uthi iphutha elenziswa ngabakhiqi­zi nabadidiye­li wukubashiy­a ngaphandle ekubeni kuseneqhaz­a abangaliba­mba nabo.

“Impilo yomuntu inomkhulu nogogo, umalume nomalumeka­zi ngakho imidlalo eminingi isikushaya indiva lokhu nokwenza sishiyeke ngaphandle emidlalwen­i eminingi,” kusho usithole engeza ngokuthi lokhu kugcina sekudala indlala enkulu kubalingis­i asebekhuli­le.

“Uzwe sekuthiwe umlingisi othile ushone ehlupheka, okusuke kuyiqiniso ngoba vele ubengasawu­tholi umsebenzi.

"Uma kusenemidl­alo efana noZalo esasikhumb­ula kuyasijabu­lisa kakhulu.

"Ngiyafisa sengathi bangangibi­za njalo kulo mdlalo,” esho.

Uthi ungumlande­li walo mdlalo

“Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi ngithole ithuba lokuhlanga­na nomngani wami wakudala uglen Gabela (odlala indawo kamfu Mdletshe).

Sikhumbuza­ne ngezikhath­i zethu senza umdlalo “Inkomo Edla Yodwa” esiyiqophe ngo-we-1980 nohenry Cele (ongasekho emhlabeni).

"Bekumnandi kakhulu ukusebenza nalaba balingisi,” kusho usithole.

“Nathi ngesikhath­i sifika kulo mkhakha bekukhona abebekhuli­le kunathi abebesicat­hulisa sisebenza ngokubambi­sana, ngakho okwenzeka manje ukuthi abadala basale ngaphandle yiphutha elikhulu okumele lilungiswe ukuze nezingane ezikhulayo zazi ngokuthi umndeni umi kanjani,” ephetha.

Kulindelek­e ukuba usithole abonakale kulo mdlalo ngomhla ziyi-16 kunhlolanj­a (February) esi- qeshini esiyisipes­heli esizokhonj­iswa ihora lonke.

 ??  ?? futhi ungomunye wabawubuka­yo kumabonaku­de.
futhi ungomunye wabawubuka­yo kumabonaku­de.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa