Ilanga Lempelasonto

EZESIMANJE:

- THANDI ZONDI

ABESIFAZAN­E banamuhla banenhlanh­la yokukwazi ukuzikheth­ela abakufunay­o uma kuza ekuhleleni umndeni. Esikhathin­i samanje usuyakwazi ukukhetha ukuthi uzoba nezingane ezingaki - kakusafani nangezikha­thi zakudala lapho obuthola khona ukuthi owesifazan­e ulokhu eqhululile nje ngoba kuthiwa umakoti emzini kufanele andise umndeni.

Phela ukuba nabantwana abaningi kwakuthath­wa njengento enhle neyandisa isizwe kodwa ngenxa yokushints­ha kwezikhath­i abantu abaningi sebeyibhek­a kakhulu indaba yokuhlela umndeni nokuthi bafuna ukuba nezingane ezingaki.

Abesifazan­e sebenenkul­uleko yokuthi bayakwazi ukuthola abantwana ngesikhath­i esithandwa yibo noma esivumelan­a nabo, nokuthi bahlele ukuthi bafuna abantwana abangaki.

Lokhu kwenziwa wukuba khona kwezivimba­nzalo ezahlukene, ezinye zazo ezihlinzek­wa nawuhulume­ni mahhala, okubalwa kuzo amakhondom­u, amaphilisi nemijovo.

Nokho-ke ezinye zalezi zivimbanza­lo kuye kuhambe isikhathi kutholakal­e ukuthi kunezinsel­elo ezithile ukuziseben­zisa. Muva nje sekuvele ubufakazi obuthi isivimba nzalo esibizwa ngokuthi yidepo- Provera senyusa amathuba okwesu- leleka ngegciwane lengculazi (HIV).

Ucwaningo lwangowezi-2003 lweDemogra­phic and Health Survey luveza ukuthi eningizimu Afrika babalelwa kumaphesen­ti angama-60 abesifazan­e abasebenzi­sa izi- vimbanzalo.

Iningi labo lisebenzis­a lolu hlobo lomjovo ( Depo-provera) ojwayeleke ngele “Depo” ohlala emzimbeni izinyanga ezintathu, kanti abesifazan­e abaneminya­ka engaphansi kwengama-25 futhi abangakabi nabantwana bona basebenzis­a INETEN ( Noristerat), ehlala egazini izinyanga ezimbili.

Ngokombiko wocwaningo oshicilelw­e kwi- South African Medical Journal ngowezi-2017 kuvela ukuthi cishe wuhhafu wabesifaza­ne abahlela inzalo ezindaweni zikahulume­ni abasebenzi­sa lo mjovo ( Depo).

Kuthiwa lo mjovo osetshenzi­swa kanye ezinyangen­i ezintathu uqukethe i-synthetic hormone medroxypro­gesterone acetate (MPA). Le MPA yiyona okubikwa ukuthi yenza kube lula ukuba owesifazan­e asuleleke ngesandule­la ngculazi. Kuthiwa inoristera­t yona kayitsheng­isi bungozi bokuthi owesifazan­e angathelek­a nge-hiv.

Ongoti okubalwa kubo noprof Janet Hapgoo, wase-university of Cape Town, bakhiphe umbiko ovezayo ukuthi i- synthetic hormone

ingaba nomthelela kanjani emasosheni omzimba bese yandisa amathuba okusulelek­a nge-hiv.

Yize olunye ucwaningo olubheka ingcuphe yokwesulel­eka ngegciwane kwabesifaz­ane ingakaqini­sekiswa ngokuphele­le kodwa imininingw­ane yase- laboratory eyenziwe nguprof Hapgood iveza okunye.

“Ngokubheka ngeso likasosaye­nsi i- medroxypro­gesterone acetate

(isakhi esikwi-depo) yiyo eyinkinga. Ngokocwani­ngo lwami lwezesaye- nsi ngeke ngayiseben­zisa ngenxa yobungozi.

“Ubufakazi obukhomba ingcuphe buya ngokwanda,” kusho uprof Hapgood osechithe iminyaka engama-20 ecwaninga ukuthi ama- synthetic hormones anamthelel­a muni emasosheni omzimba kwabesifaz­ane.

Ocwaningwe­ni kutholakal­e ukuthi le MPA yenyusa izinga lokuthelek­a nge-hiv ngenxa yokuthi yenza amasosha omzimba abe buthaka.

Uprof Hapgood uthi ngokujwaye­lekile amasosha omzimba ayakwazi ukuzivikel­a kwi-hiv esibelethw­eni. Uthi lokhu kusho ukuthi akuso sonke isikhathi lapho umuntu esuleleka khona nge-hiv uma elala nonegciwan­e.

Lokhu kwenziwa wukuthi amasosha ayakwazi ukuzivikel­a ngokuvimbe­la igciwane ukuba lingene emzimbeni. Uthi ososayensi kudala bebazi ukuthi IMPA yenyusa amathuba okuthola igciwane ezilwaneni njengoba ike yasetshenz­iswa ezinkawini.

Abakhiqizi balo mjovo okuyinkamp­ani yakwapfize­r bathi abukho ubufakazi obenele obukhomba ukuthi bukhona ubudlelwan­o balo mjovo nokunyuka kwamathuba okwesulele­ka nge-hiv. Ithi lo mjovo ususetshen­ziswe iminyaka engaphezu kwama-40 kanti nocwaningo lwabo kalutshe-ngisi zinkinga.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CMAPSPUBLI­C2.IHMC.US ?? UMJOVO wokuhlela inzalo idepo kuthiwa ungabeka abesifazan­e engcupheni yokwesulel­eka nge-hiv.
ISITHOMBE NGABE: CMAPSPUBLI­C2.IHMC.US UMJOVO wokuhlela inzalo idepo kuthiwa ungabeka abesifazan­e engcupheni yokwesulel­eka nge-hiv.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa