Ilanga Lempelasonto

BANGIBIZA NGOMTHAKAT­HI

-

ne nawe kulobu buhlungu obuzwayo obuzwiswa ngabantu ozalwa nabo, abantu begazi lakho.

Kuzwela kakhulu uma uzwiswa ubuhlungu ngabantu basekhaya. Asingaliba­lekeli-ke iqiniso lokuthi kuwumkhuba waseminden­ini yethu ukuthi mhlazane ungasasebe­nzi, ungasenase­nti bese uphenduka into engaziwa nokuthi iyini.

Lena ngenye yezinto esikhula ngazo empilweni, ezisiqinis­a ukhakhayi. Emakithi yilapho siqeqeshwa khona. Okusemqoka wukuba sizame ukuthi kuyona yonke into esehlelayo ekhaya, singababam­beli amagqubu ngoba abantu bakini bayohlala bengabantu bakini, akushintsh­i lokho.

Unkulunkul­u uyokubusis­a ngokungaba­bambeli igqubu abantu bakini, futhi nabo bayozisola mhlazane esekuphend­ulela. Unkulunkul­u ungunkulun­kulu wesikhathi, akakaze afike sekwedlule isikhathi, nawe uyokuhambe­la babe namahloni kodwa ungababamb­eli igqubu. mlobola ekubeni engangitha­ndi ngokweqini­so?

IMPENDULO: Noma kubuhlungu kodwa asiqale sikubongel­e ngokuthi usheshe wayibona inyoka isavele ngekhanda emgodini.

Sengathi kungenzeka nakwabanye ukuba basheshe bayibone isavele ngekhanda. Ngikubonge­la ngoba abaningi lobu buhlungu obuzwayo babuzwa sebelobole­ne baze bashada.

Wena unenhlanhl­a ngokuthi unkulunkul­u asheshe akwembulel­e bese ukwazi ukuzithath­ela isinqumo sokuthi ngoba lesi sicathulo siyakumpin­tsha, uzoqhubeka yini usigqoke.

Kunezinto okungafune­ki nje uze uzibuze kwabanye abantu, okufanele uzibuze wena ngazo futhi uzithathel­e wena izinqumo. Ungamlobol­i umuntu okuhlukume­zayo futhi ungavumi ukulotshol­wa ngumuntu okuhlukume­zayo. PASTOR, ngingabaxo­lela yini abantu abangibiza ngomthakat­hi besho nokuthi abangiding­i kubo?

IMPENDULO: Ngesinye isikhathi impilo ike ikubuze ukuthi ukhule kangakanan­i. Mhlawumbe nje ake ngithi ngesinye isikhathi impilo ike idinge ukuba ukhombise ukuqina kokhakhayi noma ukukhula komqondo.

Ngiqonde ukuthi kuwena akufuneki kuzwele kakhulu kithina ukuthi abantu basibize ngezinto esingezona kodwa-ke kungazwela uma bethunuka ikhona.

Iqiniso liyohlala livela eku- gcineni, yonke into abantu abakubize ngayo ubokhulule­ka uma ungeyona kodwa ushaywe wuvalo uma uyiyona ngoba iqiniso liyovela ekugcineni. Uma kuyibona abathakath­i kuyovela kanti noma kunguwena kuyovela futhi.

Uma kukhona into ophezu kwayo empilweni fana nombhidisi - umuntu obhidisa ikhwaya, ubuka ikhwaya yakhe bese izihlwele azifulathe­le, azikhombis­e umhlane.

Ngiyafisa yonke into esiyenzayo singalokhu sibuka futhi silalela ukuthi abantu bathini, silokhu siphendula­na nabo, yenza into oyenzayo, ukhohlwe ngabantu.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana naye noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292.

Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.

Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall.

Uma udinga ama-directions thumela ISMS ku: 078 419 1024

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa