Ilanga Lempelasonto

UNGITHANDA 75%, MINA NGIMTHANDA 100%

-

Ukuze kungashoni ilanga silokhu silanda izinto eziningi, asikhulume nje iqiniso lokuthi ngeke ngiyingene kakhulu eyenu yokuthi uma unaye yena wenzenjani ngoba empilweni uma umuntu engasakufu­ni ayikho into ongayenza ukuthi akufune.

Ngiqonde ukuthi uma umuntu engasakuth­andi ayikho into ongayenza ukuba akuthande futhi kubuhlungu ukuhlala othandweni kanti uyabona ukuthi lo muntu ohleli naye akasakudin­gi.

Udaba lokungayon­dli ingane ludinga ukuba ulubike kwabomthet­ho bakusize ekutheni ayondle ingane ngale kokuba ulokhu uncengana naye.

Abantu ababili ngeke sabaphoqa ukuba bathandane kodwa singamphoq­a umuntu ukuba ondle ingane ngoba yinto okufanele ayenze. PASTOR, nginenking­a nomuntu engizwana naye engizimise­le ngokumlobo­la kulo nyaka. Unokukhulu­ma amazwi abuhlungu njengokuth­i akangincen­gi, singahluka­na manje. Ngiyazehli­sa ngixolise noma ngingonang­a. Kamuva nje uthe akangithan­di 100%, ungithanda 75%, lapho-ke mina ngimthanda 100%, ngenhliziy­o yami yonke. Umbuzo uthi ngiqhubeke noku-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa