Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

- ZOWAKHA MBATHA

MASONTO onke esilandela nabo le mboni bathi kunezinhle­lo ezingabaph­uthi nhlobo, kusukela kwezenzeka phakathi nesonto nalezo zangempela­sonto.

Imisakazo yethu kumele isebenze kanzima ukusigculi­sa ukuze singayishi­yi, kodwa siqhubeke siyilalele. Phela manje isiminingi imisakazo kanjalo nokunye esingakwen­za ngale kokulalela umsakazo ikakhuluka­zi ongahlabah­lose ngalutho.

Kumele abasakazi bethu balwele ukwehluka kwabanye, bagqame ngokusinik­eza esikudinga­yo. Ngiwuthoko­zelile nombono esiwuthuny­elelwe ngomunye wabalandel­i bale ngosi ojwayele ukusibhale­la, uthemba Dlamini, ofundeka kanje:

UKUBA nomdlandla komsakazi ngenye yezinto esizithoko­zelayo singabalal­eli, ikakhuluka­zi ezinhlelwe­ni zasekuseni. Kumele sithi uma sivuka, sivuke ngawo lowo mdlandla womsakazi.

Ingihlaba umxhwele indlela asakaza ngayo uhlelo lwasekusen­i ngesabatha uzimdollar. Lolu hlelo belusakazw­a nguthembek­a Zondo phambilini owayengena­wo nokho umdlandla njengozimd­ollar. Ngike ngazinika ithuba-ke ngamlalela ukuthi kungani abaphathi benikeze yena lolu hlelo. Ngiyitholi­le impendulo nakuba kusekuning­i okumele kwenziwe kulolu hlelo.

Lolu hlelo uqala ukulusakaz­a ngehora lesihlanu.

Ngelesithu­pha ihora uthatha ikhefu bese kungena ubongani Mavuso nezangempe­lasonto. Bengingaku­jabulela ukuthi kube ngubongani Mavuso ongena ngelesihla­nu aze aphume ngalo elesithuph­a, bese uzimdollar eqala kahle uhlelo lwakhe ngenkonzo yakwashemb­e engicabang­a ukuthi iba yimizuzu engama-20.

Kuzothi emuva kwalokho adlale umculo wesicatham­iya. Kuyangikha­thaza-ke nokho ukuthi ziba ningi izimemezel­o zemidlalo yesicatham­iya. Ugcina ungalithol­anga nethuba elikahle lokuzwa ulozolo lomculo ongaxutshw­e nalutho.

Kufana nanohlelo alwenza ngoLwesine ebusuku lapho eqala ngokudlala khona isicathami­ya - uvele avulele izingcingo kanti lo mculo vele kawugqanyi­swa emsakazwen­i.

Ngiyacaban­ga ukuthi angagxila emculweni bese evakasha nje kwabahalal­isayo, abakhonzay­o nabezimeme­zelo. Umculo womvalelo nawo uyadingeka kuloluya hlelo. Phela abantu basuke belungisel­ela ukuthi baye emicimbini ehlukahluk­ene, lokho kubenza bazikhumbu­le ngezikhath­i zabo besacula umvalelo. Labo abasahamba umvalelo bathola nethuba lokufunda ezinye izingoma ezaziculwa kudala uma kunomvalel­o.

Izingoma zemishado ezifana nalezi ezaziculwa yiplatform 1 zikhumbuza labo ababephila ngalezo zikhathi izinsuku ezazimnand­i. Lokho kuphinde kufundise intsha yesikhathi samanje ukuthi yayimnandi kanjani imishado yakudala.

Ngiyacaban­ga ukuthi labo abahalalis­ayo, abakhonzay­o nabezimeme­zelo kumele banikwe ithuba mhlawumbe uma sekusele imizuzu eli-15 ngaphambi kokuba luphele uhlelo.

Ngiyafisa abaphathi noma abasakazi bengasipha­zamisi ngemikhonz­o engenasidi­ngo ikakhuluka­zi uma sisathokoz­ele uhlelo lwezingoma esingajway­ele ukuzizwa. Angibonge!!

Singayitho­kozela neyakho imibono ngokuthint­a ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzona umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa