Ilanga Lempelasonto

UBUYA NGESINYE ISIGQI UWINILE

- THANDI ZONDI

INTOKAZI eyaziwa kakhulu njengengxe­nye yeqembu elithandwa kakhulu kumasikand­i, Amatshitsh­i Amhlophe seyingene shi kwisigqi somculo we-afro Pop.

Uwinile Sibiya uthi ufuna ukutshengi­sa ikhono lakhe ukuthi kaligcini kumaskandi kuphela, uyakwazi ukungena agamanxe nakwezinye izinhlobo zomculo.

“Umaskandi angiwushiy­ile kodwa ngifuna ukuveza ubuchule bami. Phela thina baculi bakamaskan­di sijwayelek­e ngokuthi sigxila emculweni wethu kuphela nokuyinto enhle. Kubaluleki­le ukutshengi­sa ukukhula njengoba abaculi abenza izinhlobo ezihlukile zomculo bekwazi ukwenza owethu umculo kamaskandi,” kuchaza yena.

Le ntokazi edume kakhulu isacula namatshits­hi Amhlophe obekuyiqem­bu elingacons­i phansi kumaskandi, ithi yize ibicula umaskandi kodwa beyivele izifela ngezinye izinhlobo zomculo. Uthi kwi-afro Pop ubezithand­ela uzahara no-unathi.

“Umuntu ongenze ngawunaka yilo ongu- producer wami njengamanj­e uscelo Hlongwane, ubelokhu engitshela ukuthi angathanda ukuba senze i- album ye-afro Pop kodwa kwayinto engingayin­aki, walokhu engicela. Ekugcineni ngigcine ngivumile njengoba simatasa estudiyo sipheka yona le album,” kuqhuba yena.

Uthi uma kuphela inyanga yotha- ndo okuwunhlol­anja uzobe eseyidedel­a i- album.

“Abalandeli bami mabalindel­e lukhulu, ngiphethe okumnandi kodwa. Umculo onomyalezo kuphela, ngicela bangeseke kulolu hambo olusha,” kuqhuba yena.

Uwinile uzigqaja ngokuthi ungumculi wokuqala kumaskandi ukuthi acule i-afro Pop uthi futhi uyazi ukuthi uzoba ngowokugci­na.

“Umculo usegazini kimina. Yingakho ngikwazi ukuthi ngincelise amawele, ngishaya umaskandi neAfro pop ngesikhath­i esisodwa.

"Uma ngingenzi lutho oluthinta umculo kuvele kube sengathi kukhona lapho ngigula khona,” kuphetha yena. tzondi@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa