Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

Singabala abambalwa abondliwa ngumculi oyedwa kumbe iqembu elilodwa lomculo. Umculi wondla laba abalandela­yo:

Onjiniyela bemisindo nabasebenz­a ezitudyo bonke nemindeni yabo.

Izitolo ezidayisa umculo nemindeni yakhona.

Izisebenzi zabezindab­a okubalwa imisakazo nomabonaku­de njalonjalo. Amasonto. Ophrojusa nezimenenj­a nemindeni yabo.

Izinkampan­i zemiculo. Abaculi baze bondle ngisho amasela antshontsh­a umculo wabo imbala, amanye anemizi kanokusho ancela igazi labaculi.

Seluleka izimenenja nophrojusa ukuthi uma kwenzeka umculi engene obishini makube yibo abagijima phambili bathwale isipha- mbano somculi lowo noma bacacisele izwe ngokwenzek­ile ngoba umculi yena usuke efana nofile ngaleso sikhathi.

NAKHU OKUMELE KWENZIWE YIMENENJA NOMA UPHROJUSA:

Akaye kumculi lowo athole yonke ingonyuluk­a yeqiniso. Akahlale phansi abonisane naye umculi ngesinyath­elo okumele sithathwe.

Akabize isithangam­i sabezindab­a abeke uhlangothi lomculi nenkampani yabo ngalolo daba.

Akameseke umculi angamlahli­si ithemba.

Angamvuni umculi uma enze isenzo esibi, kunalokho akamxolise­le kubalandel­i bakhe.

Konke lokhu esikushoyo kusiza ekubeni abalandeli bakhe basuke bethanda umculo wakhe hhayi yena, kakufanele kulimale abalandeli bancishwe ukudla kwabo ngenxa yesenzo sakhe.

Akungachit­hwa amanzi angcolile nengane phakathi. Ekugcineni konke kuyedlula. Isibonelo nje umculi we- gospel wodumo waphesheya kwezilwand­le, umvangeli owayephend­ula izigidi zabantu zemukele ujesu, ujimmy Swargat naye wavuma phansi elingwe ngunoyila kepha wavuka wazithatha. knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa