SIHLAZIYA UMCULO:

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

UMCULI: KHANYISA ISIHLOKO: EWE LOWO (OWAZIWAYO) UHLOBO LOMCULO: GOSPEL UNYAKA: 2018 AMAPHUZU: 8/10

SIMAZI ebalisa, eyintombi yesonto esho maqede kusukume indlu yonke ukhanyisa. Kule albhamu usibuyisele lowa msoco osekukade sawugcina.

Izingoma zakhe zonke ziyathinta, zikwenze uzizwe usenkonzweni kamoya. Zihlanganiswe kahle estudyo izinsimbi, ziyamnanela azimgqibi futhi azisibo okhehlegume, zimlandela ngesizotha ephinjeni lakhe eliyisihosho sakulila.

Eminyakeni ye-1990 uke wacula neqembu iyouth with Mission, lapho azibonakalise khona. Iyatholakala ezitolo zomculo noma ngokushayela kulezi zinombolo ezimbili: 083 575 9998 nethi 072 667 2764

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.