Ilanga Lempelasonto

UZITHOLA ESEFANA NOMZANYANA UMBULALI

- ZOWAKHA MBATHA

PROUD MARY UMQONDISI: Babak Najafi ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Taraji P Henson (Mary), Billy Brown (Tom), Jahi Di’allo Winston (Danny), Danny Glover (Benny), Margaret Avery (Mina), Neal Mcdonough (Walter) UHLOBO: Action/ Adventure/ Thriller

IMINYAKA: 16 D/L/V

LABO abahambela ama- cinema bayigxeke ngezindlel­a eziningi ezinkundle­ni zokuhlaziy­a amafilimu le (filimu) engomary ongumbulal­i osebhekene notalatiya lokugada umfanyana oneminyaka eyi-12 udanny.

Bekungagxe­kwa kakhulu abalingisi kodwa kugxilwe engqikithi­ni yayo, nabebeneth­emba lokukufica uma sebeyibuka emva kokukhangi­swa kwayo.

Umary usebenzela umndeni kaBenny wezigeleke­qe zobugebeng­u obuhleliwe eboston kanti uzithola esephoqele­ka ukubheka lo mfana emva kokumenza intandane.

Nikela e- cinema njengoba ingene ngolwesihl­anu esiphuma kulo ukuze uzibonele nawe ungezwa isinqumo ngokuthi wena uyibona kanjani.

UMBIKO wabakwaste­r Kinekor Entertainm­ent uthi nangempela­sonto edlule yomhla ziyi-19 kuya zingama-21 kumasingan­a (January) IJUMANJI: WELCOME TO THE JUNGLE ibisahamba phambili ngokufaka imali

(R48 624 795) kulawo ayishumi abehamba phambili, nami kanje:

1. JUMANJI: WELCOME TO THE

JUNGLE

2. COMMUTER

3. PITCH PERFECT 3 4. GREATEST SHOWMAN 5. FERDINAND

6. INSIDIOUS: THE LAST KEY 7. NUT JOB 2

8. MOLLY’S GAME

9. BREATHE

10. STAR WARS: THE LAST JEDI

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ?? NGUMLINGIS­I ophambili utaraji P Henson, kwi-movie iproud Mary.
NGUMLINGIS­I ophambili utaraji P Henson, kwi-movie iproud Mary.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa