UZOZEHLISA ISITHUNZI USOMNANDI NGOKUYOCULA EMGWAQWENI
MHLELI, ngingumuntu owuthandayo umculo wesintu, yiwona engiwuzwa kahle, unemiyalezo eyakhayo ekukhumbuza imvelaphi yakho. Ngisukunyiswa yindaba kasomnandi (ephume KWILANGA Langesonto ngeledlule).
Usomnandi ungenye yezinkakha zomculo wesintu. Kuyethusa ukuzwa ethi usezocula emgwaqweni ukuze adayise umculo wakhe.
Yebo ukungazithwali nokungazikhukhumezi kubaculi yikhona esikufunayo, kepha kumuntu odume njengosomnandi angikuboni kukuhle.
Ziningi izindlela zokukhombisa ukungazithwali kubalandeli njengokuthi ube nesikhathi nabo uhlale nje nabo nizixoxele, uhambele izindawo ezinabantu, uphile nje nabo. Ngibona ezozehlisa isithunzi ngale nto azoyiqala usomnandi. Ngiyazi Somnandi wenza okwakho, hhayi okomuntu kepha kungani usubuyela emgwaqweni emuva kweminyaka ungayi?
Ubuhamba nomtshengiseni, awukaze uyicabange eyomgwaqo, naxabana nakhona wangayicabanga. Usehambile-ke manje usubuyela emgwaqweni uyocula!
Ngabe kube nomthelela ukuhamba kwakhe benobaba udlala? Nenkampani yakho awuyibhekisise baba ulanga. Siyakuthanda, siyakuhlonipha, ungumculi omkhulu futhi ohlonishwayo. Ngicela sihlobo sami ubhekisise, sisakudinga ukuleliya zinga lakho lakudala.
Mpha Shabalala Emnambithi